UMANQOBA “TV” Mngqithi oqeqesha iMamelodi Sundowns, uchazwa ubunye obukhonjiswa abadlali bakhe futhi uthi yisona sikhali abasidingayo, njengoba besafuna ukuqhubeka nokuwola izicoco ebholeni lakuleli nasezwenikazi, i-Afrika.
ISundowns ibhaxabule ngo 3-0 iStellenbosch FC emdlalweni weDStv Premiership ngempelasonto. UPeter Shalulile, Themba Zwane noKermit Erasmus yibona abashaye amagoli kulo mdlalo.
UMngqithi uthe iyamchaza indlela abadlali bakhe abalekelelana ngakhona, wancoma nokuthi kabanawo umona, bayaphaselana nokwenza amagoli angene kalula.
“Kube wumdlalo onzima sidlala neStellies, ikakhulukazi ngoba bedlala ngabadlali abahlanu emuva. Nokho ukusebenzisana, nokubambisana kwabadlali bethu kungijabulisa kakhulu. UPeter (Shalulile), uyabaphasela oZwane no-Erasmus kukhale inethi. Nabo oZwane no-Erasmus benza okufanayo ngokuthi bamphasele. Angazi amagoli asemangaki phakathi kwabo bobathathu ngokuphaselana nje. Nasesiswini yinto efanayo kuze kuyoshaya emuva.Ubunye nokuzwana kwethu, kwenza kube nzima ukuthi izitha zisigqobhoze, ngikushayela ihlombe kakhulu,” kusho uMngqithi.oyinhloko yabaqeqeshi kumaBrazilians.
UMngqithi ozakhele igama kwiLamontville Golden Arrows, uncome ithimba asebenzisana nalo ngokwenza umsebenzi oncomekayo.
“Umqeqeqshi uRulani (Mokwena), nomqeqeshi uSteve (Komphela), benza umsebenzi oncomekayo. Amava abo ayabonakala impela. Ngifisa nokubonga uS’bu Mahlangu osethimbeni lokuqinisekisa ukuthi abadlali basesimeni esihle ngokomzimba. Impela wenza umsebenzi oncomekayo, abadlali babukeka besesimeni esihle,” kubeka uMngqithi.
Uphawule nangendlela onozinti abavimba ngayo. UMngqithi ubesho uDenis Onyango noKeneedy Mweene abashaya into ecokeme kuBafana Be Style emapalini.
“Onozinti bethu benza umsebenzi oncomekayo. Kube yishwa nje sidlala noSuthu sangenelwa amagoli amathathu nokuyinto ebiqala ngqa, ukusenza selokhu kuqale isizini,Ngicabanga ukuthi uma beyibambe kanje, benza kube lula ukuthi sinqobe imidlalo ngoba asivuzisi emuva” kusho uMngqithi.
Imiphumela yangempelasonto yeDStv Premiership:
AmaZuu 1-1 Cape Town City; Mamelodi Sundowns 3-0 Stellenbosch; Orlando Pirates 1-1 Baroka FC; TS Galaxy 1-1 Lamontville Golden Arrows; Maritzburg United 1-2 SuperSport United; Chippa United 1-1Tshakhuma FC.