UMGADLI weMaritzburg United, uBongokuhle Hlongwane uthathwe ezilolonga kwiBafana Bafana noRushine De Reuck , noThapelo Morena beMamelodi Sundowns nokwenza insephe ilibone likhula ibhola kwiPSL Isithombe: BACKPAGEPIX
OWAYENGUKAPUTENI weBafana Bafana waphinde washiya umsizilo kwiPremier Soccer League, edlala kwiKaizer Chiefs, uNeil Tovey, ubona isimo sokuqala kahle kweyokuhlungela iWorld Cup kweqembu lesizwe elibunjwa kabusha, kuzoliphakamisela phezulu izinga lesizini ka-2021/2022.
IBafana eshaya ngabadlali abasebancane iqhwakele kwiGroup G eboshelwe kuyo neGhana, Ethiopia neZimbabwe.
Lokhu kungemuva kokuthi ibambe iZimbabwe, eHarare, ngaphambi kokumboza iGhana ngo 1-0 eFNB Stadium ngenyanga edlule.
Ngesonto eledlule uTovey, owayengukaputeni weKaizer Chiefs neBafana, uxoxe neSolezwe ngeSonto eveza ukuthi ukulindele kubakhwezele abadlali bePSL okwenzeka kwiBafana.
Kumqoka ukubalula ukuthi ingxoxo kaTovey ibingaphambi kwemidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto edlule lapho kushaywe khona amagoli angu-19 emidlalweni eyisikhombisa.
“Into yokuqala emqoka ukuyibalula wukuthi uBroos ufikele emhlabeni ovundile ngokuthola inqwaba yabadlali abasebancane abanomlando nezinhlaka zamaqembu esizwe. Lokho kusho ukuthi banamava kanti iningi labo alikwethuki ukuthi kukhulunywe ngalo nakwabezindaba ngoba likutholile lokho nakwiDiski. Kube yisinyathelo esinzulu ukuthi ashiye abadlali abanamava aqale kabusha iBafana, futhi ngiyakholwa kuzosebenza,” kusho uTovey.
“Okuhle wukuthi into ehlanganiswa kwiBafana, izokwehlela kwiligi ngoba baningi abanye abadlali abasalibona ithuba lokuthi nabo babizwe. Kungesikho ukuthi sesingayikhulumela eziko kodwa nakho ukuthi iBafana iqale emidlalweni yokuhlunga, bekumqoka ekuzinikeleni kwabadlali kwiligi. Abadlali bonke bayahalela ukuba yingxenye yalelo qembu elinqobayo. Akekho umdlali ohalela ukuyothelwa ngehlazo eqenjini lesizwe,” kusho uTovey.
U-Tovey akayiklamanga wayishiya nangayo iBafana ngoba ukugcizelele ukuthi abalandeli nabadlali uqobo, bangayiqambi ingakachamiseli.
“Luselude ukhalo. Basadlale imidlalo emibili. Okumqoka okuhle abasakwenzile wukunqoba umdlalo wabo wasekhaya. Emidlalweni yalolu hlobo, into yokuqala ukuqikelela ukuthi unqobayonke imidlalo yakho yasekhaya. Usungadlala ngokulingana ngaphandle uphinde unqobe noma owodwa umdlalo bese kuyakulungela. Okwamanje basasalelwe yimidlalo emibili ekhaya. Uma benganqoba yona singakhuluma into ezwakalayo,” kusho uTovey.
UBroos bekulindelwe ehlisele kubadlali abangu-23 isikwati sabadlali abangu-34 asimemezele ngoLwesibili elungiselela ukubhekana ne-Ethiopia ekuhambeni ngo-Okthoba 9 nasekhaya.
Nokho ugcine engakwenzanga lokho uBroos ebika ukuthi usafuna ukubona ziqhuthana okokugcina emidlalweni yale mpelasonto.
I-ENCA ibike kwiwebsite yayo ukuthi uBroos ulindelwe abuyele kuleli ngoLwesihlanu.