UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, akadiniwe ngokushaywa indiva kohlelo lwakhe lokudlala behlula i-Ethiopia emdlalweni wangempelasonto wokuhlungela umqhudelwano weNdebe yoMhlaba.
IBafana iqumbe phansi i-Ethiopia ngo-3-1 eBahir Dar Stadium, e-Ethiopia, ngoMgqibelo. Iqembu lakuleli lihlezi eqhulwini kuGroup G ngamaphuzu ayisikhombisa emuva kwemidlalo emine. llandelwa yiGhana esinamaphuzu ayisithupha ngemuva kokwehlula iZimbabwe ngo-3-1.
UBroos, okhale ngobubi benkundla, uthe uyakwemukela ukungalandelwa kwendlela yakhe yokudlala, wajabulela amaphuzu amathathu.
"Angijabule ngokuphelele kodwa angidiniwe ngalokho namuhla. Besinezinye izinto emqondweni kodwa iqembu belikhululekile enkundleni. Kulungile. Njengoba ngishilo ngesikhathi sekhefu ukuthi asambe siyolwa. Bekuwumdlalo onzima enkundleni enzima ukudlala kuyona. Ngibatshelile abadlali ukuthi asidingi indebe yeqembu elidlala ingcwenga yebhola kodwa sidinga eyokuqina komqondo. Sikukhombisile lokho nakuba izinto bezivuna i-Ethiopia. Besilwela wonke amabhola, sawina ekugcineni. Yiwini enkulu lena," kusho uBroos.
Ngaphambi kokuya e-Ethiopia uBroos ubalule ukubaluleka kokucosha amaphuzu ayisithupha emidlalweni emibili ne-Ethiopia. Wathandazela ukuthi iGhana idlale ngokulingana neZimbabwe ukuze iBafana izonethezeka kuGroup G.
Njengoba iGhana iwinile, iBafana inengcindezi yokuwina uma isibhekene ne-Ethiopia emdlalweni wesibili eFNB Stadium, eNasrec, kusasa, ngo-6 ntambama.
Akubuzwa ukuthi uBroos uzodinga okungaphezulu emaqhaweni abeyibambe ishisa ekuhambeni.
Ucacise ngesinqumo esimangaze iningi sokukhipha esiwombeni sokuqala umgadli we-Orlando Pirates, uTshegofatso Mabasa.
"Ngiyazi ukuthi kumjabhisile lokhu uTshegofatso kodwa bekunzima kuyena futhi bekulungile ukuthi sishintshe. Ngangimchazelile. Siyenzile le nto ejimini phakathi nesonto kodwa angicabangi ukuthi ukuqondile ebesikudinga kuyena. Ngakho kudingeke simtshintshe esiwombeni sokuqala," kusho uBroos.