Ezemidlalo Ibhola

UBroos ugxeke isinqumo sePirates ngoMbokazi

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMBEKEZELI Mbokazi we-Orlando Pirates okubhekwe ukuthi umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos amsebenzise kwemibili yobungani ezayo

Image: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, usihlabile isenzo se-Orlando Pirates sokunqabela uMbekezeli “TLB” Mbokazi ukuthi ahambe naMajita kwi-U/20 Africa Cup of Nations ebise-Egypt ngenyanga edlule.

Kusukela uMbokazi oneminyaka engu-19 ubudala akhushulelwa esikimini esikhulu sePirates ngoMashi usephenduke omunye wabadlali abamqoka odongeni lwayo lwasemuva.

UMbokazi osesikwatini sikaBroos sabangu-23 azobhekana ngabo kweyobungani emibili eqala ngeTanzania ngoLwesihlanu ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

Lowo mdlalo uzolandelwa oweMozambuque ngoJuni 10 enkundleni engakamenyezelwa.

Kulindeleke ukuthi uBroos amsebenzise kule midlalo uMbokazi amchaze njengomdlali ovuthiwe uma uqhathanisa neminyaka yakhe.

Ukuvuthwa kukaMbokazi kugqame esiwombeni sesibili sesizini esanda kusongwa lapho esize khona iPirates ebilinyalelwe yizitobha yaqeda endaweni yesibili kwiBetway Premiership nakwiNedbank Cup kanti kwiCaf Champions League iphelele kowandulela owamanqamu.

UMbokazi wayekhona ngesikhathi Amajita enqoba iCosafa Cup ka-U/20 ngo-Okthoba nyakenye kanti ube nesandla esikhulu ekutheni leli qembu lesizwe lizibekisele indawo kwi-Afcon ka-U/20 elisanda kuyiqukula.

“Ngiyavuma ukuthi uMbokazi ukhulile ngokudlala kwiChampions League kodwa iPirates kwakufanele imkhulule ukuthi ayodlala kwi-Afcon ngokubona kwami,”kusho uBroos kwabezindaba.

“IPirates inabo abadlali abebengayivala indawo kodwa futhi asinawo kangako amandla okuyihlaba ngesenzo sayo yize ngingahambisani naso.

“Ngibona kungcono ukuthi umdlali ezwe i-Afcon edlalwa ngamazwe kunomqhudelwano ofana neChampions League okungamaqembu yize ngingabehlisi ubukhulu nobumqoka balo mqhudelwano.

“Uwumdlali ovuthiwe uma ubuka izinqumo zakhe enkundleni bese uziqhathanisa neminyaka yakhe. Unamandla futhi emoyeni uya ngokukhululeka ngakho-ke uwumdlali wezwe wakusasa okufanele aqashwe ngelokhozi,”kusho lo mqeqeshi.

UBroos uthembise ukusebenisa le midlalo ukuhlola abadlali abancane ngoba ingcindezi yokuyinqoba yomibili ayinkulu kangako.

“Ezinyangeni ezintathu ezedlule iMorroco yasicela kowobungani nganqaba ngoba ngingafuni ukwehlisa umgqigqo esihamba ngawo ezinyangeni ezedlule kusukela sense kahle kwi-Afcon.

“Bekungakuhle ukuthola iqembu lesizwe eliqinile ukuzwana nalo amandla kodwa uma sebethwala kanzima abafana abancane bekuzoba nenkinga.

“Imidlalo enzima ivamise ukubabulala abafana abancane uma kungahambanga kahle. Okunye ukuthi abalandeli bethu siyabazi ukuthi abanqeni kangakanani ukugxeka ezinkundleni zokuxhumana,” kusho uBroos.