UTHUKUTHELE uyaveva umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ngabantu abathize athe abafuni ukubona iqembu lesizwe liphumelela.
IBafana izicijela ukudlala ne-Ethiopia imidlalo emibili elandelana eduze, yokuhlungela umqhudelwano weNdebe yoMhlaba ezoba seQatar ngonyaka ozayo. Izoqala ekuhambeni ngoMgqibelo.
Owesibili uzoba seFNB Stadium ngo-Okthoba 12. IBafana isesicongweni se-log kaGroup G ngamaphuzu amane ewathole emuva kokudlala ngokulingana neZimbabwe nokwehlula iGhana.
UBroos, usekhombisile ukuthi akavaleli lutho esifubeni sakhe, uzwakalise ukudinwa ngokuphazanyiswa komsebenzi wakhe.
"Izolo (ngoMsombuluko) ngicasukile ngoba ngiyabona ukuthi kunabantu kuleli lizwe abangafuni ukuthi iBafana Bafana iphumelele. Asibuyele emuva. Ezinyangeni ezintathu ezedlule, ngifikile lapha, ngafuna imidlalo yobungani emibili. Kwajika lapho kwaba nomdlalo weligi iphakathi ikhempu. Umdlalo wokugcina wahlelwa. Kwakuphambene nemithetho yeFifa kodwa kudingeke ngihoxise omunye umdlalo. Emuva kwalokho ngicele umhlangano nabaqeqeshi bonke kwiligi kodwa kwenqatshwa. Awenzekanga," kusho uBroos.
"Emuva kwalokho kube nesigameko ne-Orlando Pirates lapho amaphini ami enqatsheliwe ukubuka umdlalo. Izolo (ngoMsombuluko) iSundowns ihlelele uThabiso Kutumela ukuthi ayojovela iCovid-19. Angiphikisani nokujova ngoba kuyinto enhle kodwa ngiyaphikisana nokukuhlela lokhu ngesikhathi sekhempu. Umthetho weFifa uthi kufanele amaqembu akhulule abadlali ngemuva komdlalo wokugcina. Akukho okufanele kwenziwe emaqenjini ngezinsuku zeFifa.
“UThabiso akakwazanga ukunqaba ngoba iqembu lakhe liyamkhokhela kodwa ngenxa yokuthi ubengekho nangenxa yezinye izizathu, kudingeke sishintshe uhlelo, asibanga nawo umhlangano futhi asishuthanga nezithombe ngoba abadlali bebengaphelele."
UBroos uqhube wathi okumcasula kakhulu wukuthi uma ujovile kwesinye isikhathi ubanjwa wumkhuhlane nokusho ukuthi ngeke esakwazi ukuhamba noKutumela ukuya e-Ethiopia. Waphinda nendaba yokunyamalala kukaGoodman Mosele ongalubhadanga ekhempini.
"Ngibona sengathi amaqembu abaluleke kakhulu kuneBafana Bafana kuleli lizwe. Kodwa amaqembu kufanele azi ukuthi kuyabenyusa abadlali ukudlala kwiBafana. Ngiyakwazi engikhuluma ngakho. Ezweni lami, eminyakeni engu-15 eyedlule akekho owayefuna umdlali waseBelgium, manje akasekho ongamfuni umdlali waseBelgium," kusho uBroos.