UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, ocikwa ngabezindaba abamxina njalo ngezizathu zokushiya ngaphandle abadlali beKaizer Chiefs
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, ugxibhe ingxenye yabezindaba eyisola ngokuchema neKaizer Chiefs, akholwa wukuthi yingakho kuba sengathi ubulele umuntu uma engabaqokanga abadlali baleli qembu laseNaturena.
Ngokusho kukaBroos, ukuthi njalo kukhalwe kuze kunanele izihosha uma engababizanga abadlali beChiefs, kuwubufakazi bokuthi abezindaba abanamandla epeni balisebenzisa ukulwa izimpi zabo.
Lo mqeqeshi waseBelgium, ukusho lokhu maphakathi nesonto lapho ebenza khona amalungiselelo okubhekana neTanzania emdlalweni wobungani ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Nakulesi sikwati akukho noyedwa umdlali weChiefs. Lokhu akuyona into entsha kwazise uBroos akakagudluki endleleni ababona ngayo abadlali baMakhosi kusukela athatha umsebenzi wokuqeqesha iBafana eminyakeni edlule.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ePolokwane, uBroos uthe okumcacelayo wukuthi kukhona abasemkhakheni wezindaba kodwa abangabalandeli bokuqina beChiefs yingakho kuhlale kunomsindo ngento okufanele ngabe ayinakeki kangako.
“Kunzima kumlandeli ukwamukela ukuthi abadlali beqembu lakhe ababhekwa nangeso eqenjini lesizwe,” kusho uBroos.
“Isobala imbangela yokuthi kugqanyiswe kwabezindaba uma bengaqokwanga abadlali beqembu elithile. Yingoba laba abanamandla okusabalalisa ulwazi bangabalandeli balelo qembu.
“Kuyisiko lakhona eNingizimu Afrika ukuthi abalandeli bayiqhube naseqenjini lesizwe indaba yobumbangi kodwa okwabeChiefs kuhlukile ngoba kuvele kube sengathi ngibulale umuntu uma ngingaqokanga kuyona.
“Angazi ukuthi sengikuphinde kangaki ukuthi abadlali kasibaqoki ngenxa yamaqembu abawadlalelayo kepha sibheka lapho sishoda khona bese sibuka iligi yonke ukuze sizophuma nokunguyena esizohamba naye."
UBroos ubhoka ngolaka nje, wabuzwa ngabadlali beChiefs abashiye ngaphandle esikwatini sabadlali abangu-23 ekubeni wayebafakile kwesabangu-41 ayesazosiphundla emasontweni adlule. Laba badlali ngukaputeni waMakhosi, uYusuf Maart, Mduduzi Shabalala nonozinti uBruce Bvuma.
“Akukhona ukuthi nginenkinga neChiefs. Ngiyambiza uRushwin (Dortley) uma engalimele. Okwamanje iChiefs ayikabakhiqizi abadlali esithi uma sibabuka sibone bengasinika okungaphezulu kwalokhu esinakho.
“Ngalokho, asisho ukuthi umnyango uvaliwe kubona kwiBafana ngoba ingeyabo bonke yinqobo nje uma sibona ukuthi umdlali uyena ongcono kuleyo ndawo ngaleso sikhathi.
“Kusemqoka ukuthi abezindaba abanalo muzwa weChiefs bakususe ezingqondweni zabo ukuthi kukhona igqubu kumbe inkinga enginayo neqembu abalilandelayo.
“Akukhathalekile ukuthi umdlali oweChippa (United) noma oweChiefs kodwa uma siyibona indawo yakhe, simbizela eqenjini lesziwe,” kusho uBroos.
Ngemuva kweTanzania, iBafana izongcwekisana neMozambique ngoJuni 10 eLoftus Versfeld, ePitoli.