UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, ukhulume iqiniso elingeke lehle kahle kubathandi bebhola baseNingizimu Afrika ngesinqumo seFifa esilindiwe ngomdlalo weGhana naleli qembu lesizwe wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezokuba ngonyaka ozayo eQatar.
Ngesikhathi wonke umuntu ebambe umoya ngesinqumo seFifa, mayelana nesikhalo seSouth African Football Association (Safa), ngendlela unondweba waseSenegal, uMaguette N’Diaye, aphathe ngayo oweBafana neGhana, uBroos usephumele obala ngokuthi yena yini acabanga ukuthi izonqunywa yiFifa ngalolu daba.
Lo nondweba, okukhalwa ngaye, ubeke iphenathi esolisayo emdlalweni wokugcina wamaqoqo kweyokuhlungela isigaba sokugcina sokuzifaka kwiNdebe yoMhlaba.
Le phenathi ubeyinika iGhana okulandelwe ukuthi iSafa imbike kwiFifa ngenhloso yokuthi ajeziswe bese lo mdlalo uphindwa enkundleni engavuni muntu phakathi kwala mazwe.
Yize lilikhulu ithemba lokuthi lo mdlalo uphindwe kodwa inkulumo kaBroos, ayenze kwiHLN Sportcast, kungenzeka ibalahlise ngethemba abanye abalandeli bakuleli.
“IFifa ihlanganile ngeledlule ngalolu daba ngakho-ke impendulo ingalindeleka noma nini. Kusemqoka ukukhumbula ukuthi indaba ayigxilile kwiphenathi kuphela kodwa ihlanganisa ukuziphatha kukanondweba umdlalo wonke,” kusho yena kulolu hlelo oludlala kwezinye iziteshi zezinkundla zokuxhumana zeCNN.
“Ucwaningo lweSafa lukhombisa ukuthi unondweba wenze amaphutha amaningi kulo mdlalo kodwa okugqamayo ukuthi izinqumo zakhe beziyicindezela iNingizimu Afrika.
“Inkinga enkulu ukuthi buzoqhamukaphi ubufakazi bokuthi unondweba kukhona ayefunjathiswe khona? Kungenzeka mhlawumbe ukuthi kwakungelona usuku lwakhe unondweba?
“Konke lokhu kufanele buvezwe ubufakazi bakho ngakho-ke kufanele sizibuze ukuthi lobu bufakazi esibuhambise kwiFifa banele yini,” kubuza uBroos.
Usonge ngokuthi: “Ngokwami, ngicabanga ukuthi ikhona indlela iFifa ezohlawulisa ngayo unondweba kodwa eyokuphindwa komdlalo angiyiboni.”