UMGADLI weKaizer Chiefs, uKhama Billiat, ufisa bahambe ibanga elide kwiCaf Champions League ukuze bajabulise usihlalo weqembu uKaizer Motaung.
I-Chiefs iqophe umlando ingena okokuqala esigabeni samaqoqo eChampions League emuva kweminyaka engu-26, amaqembu akuleli avunyelwa ukudlala emiqhudelwaneni yangaphandle.
Ihlule iPremiero de Agusto yase-Angola ngo 1-0 uma sekuhlanganiswa imiphumela yemilenze yomibili. Amakhosi adlale ngaphandle kwezethenjwa u-Itumeleng Khune, Willard Katsande noLebogang Manyama.
Igoli enqobe ngalo lishaywe uLeonardo Castro ngemuva komsebenzi omuhle kaBilliat.
UBilliat owine indebe yeChampions League neMamelodi Sundowns ngo-2016, ufuna balandele ezinyathelweni zamaqhawe eChiefs ajabulise uMotaung eminyakeni edlule.
"Ngiyakholwa ukuthi sonke sifuna ukufika ekugcineni kwiChampions League. Sidinga ukuba yisizukulwane esizokwenza lokhu okwenziwa ngabaphambili. Leli qembu linomlando onothile futhi asifuna ukuba yilesi sizukulwane esishaye into ephansi. Sifuna ukwenza lokho abakwenzile ukuthi aziqhenye usihlalo. Side isikhathi," kusho uBilliat.
Iqembu lakule sizini leChiefs, elithathwa njengelintengayo, belingabhekiwe ukuthi kukhona okuhle elingakwenza. Amakhosi ahluleke ukungena esigabeni samaqoqo eChampions League eshaya ngesikwati esiqinile ikakhulukazi esiwine iligi kabili ngaphansi kukaStuart Baxter ngesizini ka-2013/2014 no-2014/215.
IChiefs yawina indebe yeCaf Confederation Cup ngo-2001. Emuva kwalokho akukho okubabazekayo ephinde yakwenza ebholeni lase-Afrika.
"Ngincoma ithimba labaqeqeshi neqembu ngamalungiselelo nokuqasha indiza eyisipesheli. Sibonga kakhulu ngalokho ngomfutho wonke usihlalo awufakayo kubadlali nakuwona wonke umuntu. Ubalulekile kithina ukuze siyozihlola uma sibhekene nezinkunzi zeChampions League.
"Kusinika ukuzethemba uma sesibuyela emiqhudelwaneni yasekhaya. Sifuna ukuhamba ibanga elide. Sifuna ukwenza umehluko. Sifuna ukufaka wonke amandla esinawo sibone ukuthi siphelelaphi. Ngincoma ozakwethu. Sisebenze kanzima. Sidlale ngendlela ebesikade siyihlelile kodwa bekungelula. Kusazoba nzima."
IChiefs izobuyela enkundleni ngoMgqibelo uma isibhekene neMaritzburg United emdlalweni weDStv Premiership, eFNB Stadium ngo-5 ntambama. Iyawadinga amaphuzu amathathu njengoba ibalwa namaqembu ahleli ngasemsileni kwi-log.