UMARK Mayambela (oshaya uqethu) kulindeleke ukuthi ayibambe no-Abubbakker Mobara kwiCape Town City uma egcina esayinile Isithombe: BACKPAGEPIX
AKALENZI iphutha lokubakhohlwa adlale nabo kwi-Orlando Pirates umqeqeshi weCape Town City, uBenni McCarthy, okumanje uhlola uMark Mayambela othungatha ikhaya elisha selokhu ehlukane neChippa United ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.

Ukuthungatha kwakhe ikhaya sekumzungezise izwe lonke waze waphelela kwiHighlands Park lapho engasayiniswanga khona yize bekuthembisa. Indaba kaMayambela kwiCity iputshuzwe owayengunozinti weBafana Bafana, uMark Anderson, ofake kwi-facebook isithombe sendodana yakhe esanda kukhushulelwa esikimini esikhulu seCitizens, uMark Anderson Jr.

Kulesi sithombe u-Anderson uyise ubhale ukuthi ujabule ngoba indodana yakhe uMarkie isizoba nomunye uMark ozoyigada. Abangani baka-Anderson babe sebembuza ukuthi usesayinile yini uMayambela wathi yebo kunjalo.

Kuthintwa uVasili Manousakis oyiphini likaMcCarthy uthe: “Akasayinile kepha uyaziqeqesha nathi kuphela.”

Uma egcina ngokusayina uyobe ejoyina u-Abubakker Mobara, Mpho Makola noRiyaad Norodien.

Ngaphandle kukaMayambela, baningi abanye abadlali abaziwayo ngamagalelo abo kwi-Premiership okuze kube yimanje basathungatha amakhaya amasha.

Nakuba uGeorge Lebese ehlukanisile neMamelodi Sundowns okumenza akhululeke ngokuvuleka nokuvaleka kwewindi lokushinthana ngabadlali kodwa naye usathungatha. Omunye umdlali oxhumene neSundowns ngandlela thize ongenalo ikhaya uThabo Nthethe.

Ugcine ukubonakala kwiChippa United. KwiBaroka FC lapho egcine ukubonakala khona ezama inhlanhla, uthinteke kabi edolweni kwabheda kanjalo.

Kwabanomlando weKaizer Chiefs kukhona uReneilwe Letsholonyane oziqeqesha neHighlands futhi ngokusho kuka-Owen Da Gama angasayina noma nini. Kusekhona noTsepo Masilela (osehlala e-United States of Marica ) yena okungasabukeki engalithola iqembu kwazise usehlale kakhulu ekhaya.

Kwabasanda kudedelwe yiChiefs kugqame uBongolethu Jayiya. Kumasizini amabili awahlale eNaturena uhlulekile ukuyenza eyakhe indawo kodwa makhulu amathuba okuthi avuke uma engathola iqembu ngoba kubukeka sengathi ubesindwa yijezi leChiefs.

Usathungatha namanje noJabulani Shongwe. Uke wazama kwiHighlands kodwa wachithwa. Ugcine ekhonjwa kwiMoroka Swallows edlala kwiGladAfrica Championship lapho ezama khona noVuyo Mere osedlalele amaqembu amaningi phambili okukhona kuwona iSundowns, Swallows, Wits nePlatinum Stars.

USifiso Myeni ozakhele udumo kwiPirates noPrince Nxumalo ogqame kwi-Ajax Cape Town kodwa waxoshwa kwiWits engakaze adlale, nabo basathungatha. Kunzima kuMyeni ngoba usezame ezindaweni eziningi kungalungi. ULetladi Madubanya ushiye kwiBaroka kanti izolo * -Eric Tinkler ukhombe indlela uMohau Mokate (okhonjwa kwiHighlands) noDoelin Mekoa kwiMaritzburg United.