UMQEQESHI waMaZulu, uBenni McCarthy, akanazo izinhlelo zokugijimela emakethe uma kuvulwa iwindi lokusayinisa abadlali ekuqaleni konyaka ozayo.
UMcCarthy uzibule ngewini ezakhe zihlula iChippa United emdlalweni weligi ngempelasonto edlule. Lo mqeqeshi owine indebe yeMTN8 neCape Town City kumasizini adlule, uqokelwe kulesi sikhundla ngesonto eledlule. Unenselelo yokufeza iphupho likamengameli waMaZulu, uSandile Zungu, ofuna babalwe namaqembu amane aphezulu kwi-log yeDStv Premiership.
Nakuba edlala ibhola elisheshayo futhi ekhonze ukusebenza ngabadlali abasebancane kodwa uthe ngeke abachithe asebehanjelwe yiminyaka futhi akayingeni eyewindi lokusayinisa abadlali elizovulwa ngoJanuwari 18 kuya kuFebhuwari 15 wonyaka ozayo.
Sikhulu isibalo sabadlali oSuthwini abaneminyaka esisondele ku-30 nabanengaphezulu okuyisimo esihlala sigwenywa ngamaqembu kuleli kwazise basuke sebebizwa ngamakhehla.
"Angikulambele ukungena emakethe ngiyothola abadlali ababiziswa ngokweqile ekubeni ngingasebenzisa abanesipiliyoni esinabo lapha eqenjini, sibahlanganise nabasebancane ngibenze ngcono. Uma sesihlangene kahle, kuzoba yinjabulo yodwa KwaZulu-Natal. Leli qembu lizonyuka kwi-log," kusho uMcCarthy.
"Angiyena umuntu othanda ukuxosha. Angisheshi nokuziphosa emakethe. Ngicabanga ukuthi sinesikwati esikhulu. Uma ngizibiza ngomqeqeshi kufanele ngicangcathe laba badlali esinabo. Uma sikhona isidingo sokuya emakethe ngizokhuluma nosihlalo."
Kubadlali “asebeqinile” kuMaZulu, okubalwa kubona abafikayo, kukhona uMario Booysen (32), Luvuyo Memela (33), Siphelele Mthembu (33), Siphiwe Tshabalala (36), Siyabonga Mbatha (31), Makhehleni Makhaula (31), Lehlohonolo Majoro (34), Tshepo Masilela (35) nabanye.
"Inkinga eMzansi ukuthi uma umdlali esena-29 kuya ku-30 kuthiwa usephelile. Uneminyaka emingakhi uRonaldo? Uneminyaka emingaki uMessi, uneminyaka emingaki uGareth Bale? Baneminyaka emingaki abanye abadlali abaningi abaphezulu? Kithina bantu baseNingizimu Afrika, sekuphelile ngabo. Mina ngizobakhama wonke amandla okugcina abanawo," kusho uMcCarthy.
AmaZulu, avale unyaka esendaweni yesishiyagalombili kwi-log, azovula unyaka ka-2021 ngokuvakashela iBloemfontein Celtic ngoJanuwari 10 koweDStv Premiership.