XOLILE MPISANE
UMQEQESHI omusha weKaizer Chiefs, uStuart Baxter, usexolisile ngamazwi awubudlabha awasho emqhatha nabaqashi eqenjini lase-India wagcina ngokuxoshwa ngoFebhuwari.
UBaxter wethulwe yiChiefs njengomqeqeshi omusha namhlanje. Uthatha izintambo kulandela ukuxoshwa kukaGavin Hunt ngenyanga edlule obephikwa yimiphumela.
Lo mqeqeshi akashiyanga kahle kwi-Odisha FC yase-India. Waxoshwa ngemuva kokuthi abaqashi bakhe bamgxeka ngamazwi awasho ekhalela iphenathi.
UBaxter wathi ubona engathi abadlali bakhe kuzomele badlwengule noma badlwengulwe ukuze bathole iphenathi. Wabe esekhonjwa indlela kukhalwa ngokuthi le nkulumo ibingafanele kwazise e-India kudla lubi ukudlwengulwa kwabesifazane.
Wabuye wacashunwa emithonjeni yabezindaba exolisa.
NgoLwesithathu uBaxter uphinde waxolisa. “Ngenxa yamagama awubuwula engawasho e-India ngibone kungcono ukuthi ngixolise ngaphambi kokuthi ngiqale ukusebenza eNingizimu Afrika. Ngiyazi ukuthi leli (ukudlwengula) icala elibucayi, okubukeka engathi ngangilithatha kancane. Kwakungesiyona inhloso. Akuvezi ubumina. Ngiyazi baningi abathinteka nabacasuka ngengakusho. Ngiyaxolisa kakhulu. Ngokuzayo ngeke ngiphawule ngendlela enobudedengu njengalena. Ngiyafisa ukuthi bonke abathinteka bakwamukele ukuxolisa kwami.”
We welcome back one of our own, Coach Stuart Baxter as we embark on the next phase of our journey as Amakhosi.
— Kaizer Chiefs (@KaizerChiefs) June 9, 2021
He is introduced by the Head of Technical, Molefi Ntseki who talks to him about being back home.#Amakhosi4Life #WelcomeBackBaxter pic.twitter.com/sBqFxGBCu7