UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uStuart Baxter, uzozinuka amakhwapha ngendlela adlulisela ngayo amaqhinga kubadlali bakhe kulandela ukunenebulwa kwaleli qembu yiRoyal AM ngo-4-1 koweDStv Premiership ngoMgqibelo, e-FNB Stadium.
Lokhu, uBaxter, ukwamukele ngemuva komdlalo lapho uVictor Letsoalo eshayele khona iRoyal AM amagoli amabili kwathi amanye ashaywa wuMfundo Thikazi noSibusiso Mabiliso okube umkhonto ogwaza ekhaya.
Elokubika ekhaya laMaKhosi lishaywe uSifiso Hlanti kade kuyi-freekick.
Bekungokwesibili iChiefs ilahla amaphuzu emidlalweni yeligi ngesikhathi esifanayo yangenelwa amagoli ayisithupha uma sekuhlanganiswa le midlalo.
Iqalwe iMamelodi Sundowns ngo-2-0 njengoba iRoyal AM isibukise ngayo iyixebula ekhaya.
Ngemuva kwalo mdlalo, uBaxter obephoxekile, uvumile ukuthi akazi noma imiyalelo yakhe nokushintsha izindlela zokudlala kuyabadida yini abadlali bakhe.
“Kuningi okungazange kuhambe kahle kulo mdlalo kodwa inkinga enkulu iqale ngokulimala kukaPhathutshedzho (Nange),” kusho uBaxter ngemuva komdlalo.
“Ukulimala kukaNange kusiphoqe ukuthi sishintshe izinto eziningi ngendlela yokudlala kanjalo nangokwezindawo abadlali abese bezodlala kuzona. Ngemuva kokubapha ithuba lokuhamba phambili umdlalo, uthe ukusiphunyuka kancane kodwa kwangathi siyabuya.
“Ngesikhathi sekhefu bengizitshela ukuthi siwalungisile amaphutha kodwa kuthe uma sibuya, sabanika elesibili igoli. Lokhu kuphoqe ukuthi kushintshe imiyalelo kanjalo nendlela esizoma ngayo enkundleni.
“Mhlawumbe imiyalelo nezindlela zokudlala ziningi kakhulu manje ziyabadida abadlali? Mhlawumbe lokhu yinto mina njengomqeqeshi okumele ngizinuke amakhwapha ngayo ngoba isimo sesizini yethu sesihluke kakhulu kunalokhu ebesiyikhona ngaphambi kwalo mdlalo,” kusho uBaxter.
Bekuqala emlandweni kaBaxter kwiPremier Soccer League (PSL), ukuthi iqembu aliqeqeshayo lingelewe ngamagoli amane emdlalweni wasekhaya.
Lo mqeqeshi uthe, yize engeneme ngendlela okwenzeka ngayo kodwa ngeke aphonse ithawula kulokhu akwenzayo ngoba uyakholelwa kukhona.
“Ukube sinqobile ngabe sibuka umdlalo weSundowns njengesiphazamiso nje kodwa ukushaywa ngo-4-1 la uthi uzama ukuhlanganisa khona izinto, kungaba nomthelela omubi kwisizini yethu yonke.
“Esingakwenza ukubuyekeza amaphutha ethu ikakhulukazi emuva, bese sizama ukujwayela ngokushesha sonke ukuthi yini esifuna ukuyizuza kule sizini,” kusho lo mqeqeshi.
IChiefs izobuyela enkundleni ngeSonto lapho izovakashela iMarumo Gallants ePeter Mokaba Stadium, ngo-5 ntambama.