NAKUBA umqeqeshi weKaizer Chiefs, uStuart Baxter, ekucacisile ukuthi uDaniel Akpeyi abakamqoki njengonozinti wokuqina kodwa ulibeke ngembaba elokuthi okwamanje akakasiboni isidingo sokumsusa ezintini zaleli qembu.
Ngaphandle kokuphikwa yimiphumela kwalo mqeqeshi, okunye obekukhalisa abalandeli ngaye ukushintshashintsha onozinti.
Iningi bese litshengisa ukumthanda uBruce Bvuma okuqalwe ngaye isizini ka-2021/22.
Uvimbe imidlalo emithathu yokuqala. Kowesine, iChiefs ebhaxabulwe kuwo yiRoyal AM ngo-4-1, uBaxter ubebophele uBrandon Petersen. Ngemuva kokungenelwa yile mbudlu yamagoli, umshintshile wafaka u-Akpeyi koweMarumo Gallants nabadlale kowo ngokulingana nakowaMaZulu.
"Okwamanje kasikho isizathu esiqinile sokushintshashintsha onozinti. Sibheka izinto eziningi ngaphambi kokwenza lokho. U-Akpeyi unesipiliyoni, okuyinto esiyidinga kakhulu okwamanje. Uwubambe kahle umgqigqo wakhe kanti udlala naseqenjini lesizwe. Nakuba kunjalo, onozinti bethu ababili abancane benza kahle kakhulu nabo. Bazimisele ngokufunda ku-Itumeleng naku-Akpeyi. Nginethemba lokuthi ngelinye ilanga bazokwenza iqembu liziqhenye ngabo. Okwamanje u-Akpeyi no-Itumeleng benza isimo sibe nzima kulaba bafana abancane,“ kusho uBaxter.
IChiefs ikunombolo-12 ngamaphuzu ayisithupha kwi-log yeDStv Premiership. Izokwamukela iChippa United ngo-5.30 eFNB Stadium kusasa. Kulindeleke ukuthi ushube lo mdlalo kwazise womabili la maqembu asanqobe umdlalo owodwa kweyisithupha aseyidlalile.
EzikaGavin Hunt, obeqeqesha iChiefs ngesizini edlule, zikleliswe kweyesi-13 ngamaphuzu amahlanu.
Mayelana nalo mdlalo, uBaxter uthe uyazi ukuthi uHunt uzofuna ukona izinhlelo zabo njengoba ebecija iChiefs ngesizini edlule.
"Kuzoba wumdlalo omnandi nozothandwa abalandeli ngisho nezintatheli. SinoHunt siyawuhlonipha umsebenzi wethu futhi singabangani. Kodwa kusasa sizobe siyizitha zokuqina. Womabili la maqembu awakakutholi akafunayo. Njengathi, naye uHunt usafuna izimpande zokuzinza kwiChippa.“
UBaxter uthe uLebo Manyama usephinde walimala kanti uSamir Nurkovic usalimele. Uthe Dumisani Zuma noSiyabonga Ngezana bayalulama.
Lo mqeqeshi uphinde wakugcizelela ukuthi iChiefs inalo ithuba lokuphinde ikhonye ngaphansi kwakhe.
"Kuyiko nje ukuthi kulokhu kuzothatha isikhathi. Izinto zishintshile, kunyuke izinga lokuqeqesha okwenza angasabikhona amaqembu athathwa njengamancane noma amakhulu". Ehlandleni lokuqala likaBaxter eqeqesha iChiefs, phakathi kuka-2012 no-2015, wayihola yanqoba isicoco seligi kabili, iNedbank Cup neMTN8.
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto:
Namhlanje - Ngo-3.30pm: Sekhukhune United v Cape Town City (Ellis Park).
Ngo-5pm: SuperSport United v Baroka (Lucas Moripe Stadium).
Ngo-5.30pm: Kaizer Chiefs v Chippa United (FNB Stadium).
NgeSonto - Ngo-3.30pm: Swallows v Stellenbosch (Dobsonville Stadium).