AKUZANGE kumethuse umqeqeshi weKaizer Chiefs, uStuart Baxter, ukubona umdlali wezakhe uNjabulo Ngcobo, eshaya into ecokeme esiswini kwiBafana Bafana ngoba ubazi ukuthi yinto angayenza.
Lokhu uBaxter ukusho ngoLwesine esithangamini nabezindaba, lapho ebenaba khona ngamalungiselelo omdlalo wezakhe weDStv Premiership nompetha iMamelodi Sundowns ngeSonto ngo-5 ntambama eLoftus Versveld, eTshwane.
Kulesi sithangami uBaxter ubuzwe ukuthi, ngabe kumvusile emaqandeni ngoMsombuluko ukubona uNgcobo ongene esiwombeni sesibili, wadlala elinenkosi phakathi esisiwini ngesikhathi iBafana inqoba ngo 1-0 kwiGhana, kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba eseQatar ngo-2022.
UNgcobo onqobe umklomelo wokuba umdlali wasemuva ovelele kwiDStv Premiership ngesizini edlule, esayibamba kwiSwallows FC, akakaze abonakale kule sizini selokhu efike kwiChiefs.
Akuhleli kahle ukuzitshwa komdlali kwabanye abalandeli beChiefs, futhi kungemva kwenkulumo kaBaxter emasontweni amabili adlule lapho ethe, uNgcobo no-Austin Dube abakakulungeli ukuqala imidlalo ndawonye.
Emidlalweni edlule uBaxter ubesakholelwa ekusebenziseni uDaniel Cardoso no-Eric Mathoho emuva, yize bebukeka behlelwe yifomu. UNgcobo noDube babizwe kwiBafana ngoba benze ezibukwayo kwiCosafa Cup, ngenkathi elakuleli linqoba ngaphandle kokungenelwa yigoli.
“Sonke siyazi ukuthi uNjabulo unonyawo oluhle ebholeni ngakho-ke ukumbona enza kahle esisiwini kwiBafana, akuzange kungethuse. Kunesikhathi lapho kuzosiphoqa ukuthi simsebenzise esiswini ngoba imidlalo siyihlelela ngokwendlela okusuke kumi ngayo isitha.
“Kunezindlela zokudlala esizomdinga kuzona ukuthi adlale esiswini ngakho-ke, impendulo ukuthi siyazi ukuthi kuyena sinomdlali wasesiwini kanjalo nesitobha esinonyawo olumnandi,” kusho uBaxter.
ULeonardo Castro noDumisani Zuma, yibona abadlali abazobe bengekho ngeSonto. ULebohang Manyama useyaziqeqesha yize ezothola imizuzu embalwa enkundleni ngeSonto, uma enenhlanhla.
“Kuhlale kuyinkinga njalo ukusebenza ngabadlali abangaphelele ngenxa yemidlalo yeFifa kodwa-ke bonke sebebuyile. UCastro useseColombia kanti uZuma yima eqala ukuziqeqesha.
“Siyaqonda ukuthi sibhekene nomdlalo onzima kodwa siyazi ukuthi sinawo amava okuthola amaphuzu amathathu ekhaya lompetha. Asingabazi ukuthi kuzoba nzima kodwa siyazi ukuthi nayo iSundowns iyazi ukuthi izobe isemdlalweni,” kusho uBaxter.