UMQEQESHI weBafana Bafana uStuart Baxter uncome abadlali bakhe ngokuzinikela kumaqhinga abewabekele ukushaya i-Egypt ngoMgqibelo ebusuku.
IBafana ithuse abaningi iguqisa i-Egypt ngo 1 - 0 emdlalweni welast 16 kwi-Africa Cup of Nations eCairo International Stadium ebigcwele phama.
Kwehle umsindo kule nkundla ngesikhathi umdlali we-Orlando Pirates, uThembinuosi 'Shake my Soul' Lorch evalela phakathi igoli elinqobise iBafana lo mdlalo ngomzuzu ka-85.
Ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo uBaxter uthe icebo labo kulo mdlalo bekuwukuqinisekisa ukuthi izibabuli zabadlali be-Egypt okunguMohamed Salah noMahmoud 'Trezeguet Hassan azilitholi ibhola.
"Abadlali basebenze ngokuzikhandla. Besineqhinga lokuvala amabhola ukuze angafinyeleli kuSalah noTrezeguet. Ngicabanga ukuthi sikwenze ngempumelelo lokho. Abadlali babo abaphambili akuko okutheni abakwenzile emdlalweni," kusho uBaxter ekhuluma nabezindaba. UBaxter uqhube waveza ukuthi ukube babanikeze isikhala sokuphefumula enkundleni abadlali baphambili be-Egypt iBafana ibingaba senkingeni.
ULorch noPercy Tau bebeyiphela endlebeni kubadlali basemuva be-Egypt kanti imugeze igilo uBaxter indlela abadlale ngayo. IBafana inqobe lo mdlalo nje abemancane amathemba kubantu baseNingizimu Afrika ukuthi ingadlulela kuma quarter finals kwazise idlule 'ngopotsho' esigabeni samaqoqo lapho inqobe khona umdlalo owodwa kwemithathu.
Ukapteni weBafana uDean Furman naye uncome ukuzinikela kwabadlali kulo mdlalo.
"Besazi ukuthi uma sivuka emaqandeni ngendlela esihlasela ngayo, okuyinto eyasihlula emidlalweni yamaqoqo, singashaya noma iliphi iqembu njengoba senzile namhlanje. Abekho baningi abebezitshela ukuthi sizonqoba namhlanje, kodwa wonke umuntu kwi-dressing room ubefuna futhi ekholwa ukuthi sizonqoba. Besazi ukuthi uma sidlala umdlalo wethu sizowina. Sikhombisile ukuthi singadlala nanoma iliphi iqembu kulo mncintiswano," kusho uFurman.
IBafana izobhekana neNigeria kuma quarter finals, eshaye iCameroon ngo 4 - 2 ngoMgqibelo.