UKUNYUSA izinga kwabadlali abangalijwayele ijezi kwiKaizer Chiefs ngesikhathi inenebula iSwallows FC ngo 3-1 koweDStv Premiership, kumphathise ngekhanda umqeqeshi wayo, uStuart Baxter, osekufanele acacise ukuthi uyaqhubeka nabo noma ubuyela kwizethenjwa zakhe.
Amakhosi agxume ahlala endaweni yesibili kwi-log kulandela ukunqoba kwawo kwiSwallows ngamagoli amabili kaKhama Billiat nelikaKeagan Dolly ngeSonto ntambama, eDobsonville Stadium, eSoweto.
Ngemuva kwale wini, uBaxter uzwakalise enkulu injabulo ngesandla esifakwe uKearyn Baccus, Anthony Akumu, Happy Mashiane noSiphosakhe Ntiya-Ntiya bonke abebelizwa ngendaba ijezi ngaphambi kwalo mdlalo weSwallows.
Iqiniso elimsulwa lapha ukuthi iChiefs iwina nje, vele kuyifanele yize uLebohang Mokoena eshaye elokubika leSwallows.
IChiefs ifike kulo mdlalo ixhugela ngenxa yezigwebo zamakhadi, ukulimala nakuchaze njengokukhathala kwabadlali uBaxter.
UMashiane (ongawuqedanga umdlalo ngenxa yokuthinteka), Baccus no-Akumu bawuqalile kwathi uNtiya-Ntiya wangena usuyophela kodwa washaya into ecokeme.
“Ngincamela ukuba kulesi simo engikusona njengamanje kunokungabi kusona ngoba okwenzeke namuhla (ngeSonto) kutshela laba abajwayele ijezi ukuthi kufanele bagawule babheke ngoba laba elibeqayo baphefumulela emhlane kubona,” kusho uBaxter ethimbeni labezindaba leChiefs.
“Lokhu kunyusa izinga ngale ndlela kwalaba badlali kunginika inkinga kodwa emnandi,” kuqhuba yena.
UBaxter uphoxekile ngokuthi bavumele iSwallows yathola igoli kodwa uyawamukela umphumela.
“Akekho umqeqeshi engamjabulisa indlela okungene ngayo igoli leSwallows ngoba akukhona ukuthi besisenkingeni kodwa kube ukunganaki nje.
“Yize ngiphoxekile kancane kodwa ngijabule ngomphumela futhi akukho la ngikholwa khona ukuthi sike sathwala kanzima kusukela umdlalo uqala kwaze kwaba uyaphela,” kusho lo mqeqeshi.
Awuzange ugcine ngokujabulisa uBaxter lo mphumela kodwa uqedele umsebenzi uBrendon Truter nethimba lakhe labaqeqeshi.
Ngemuva kwawo iSwallows ikhiphe isitatimende iqinisekisa ukuhlukana kwayo noTruter.
Ngemuva komdlalo, obekungamazwi akhe okugcina engumqeqeshi weSwallows, uTruter, ukhale ngokuthi abadlali beChiefs bebeziwisa isikhathi esiningi okuyinto athi ibiphazamisa umgqigqo wabo.
Ngesonto eledlule leli phephandaba like labika ukuthi abaphathi beSwallows bazingela uGavin Hunt ukuthi azothatha lo msebenzi wokuqeqesha. UHunt usamisiwe njengomqeqeshi weChippa United njengoba naye ebephikwa imiphumela kuleli qembu lase-Eastern Cape.