UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uStuart Baxter, uhlabe isenzo sabadlali bakhe sokuvumela ukuthi uLebogang Manyama obese enesikhathi engadlali ukuba athathe iphenathi ngesikhathi beshaywa iMamelodi Sundowns ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto.
UManyama obese kuphele isikhathi eside engadlali ngenxa yedolo ubonakale okokuqala kulo mdlalo.
Amagoli eSundowns ashaywe uGrant Kekana noPeter Shalulile ngokwahlukana kweziwombe.
Ngesikhathi umdlalo usuyela ngasemaphethelweni, iChiefs ibisilikhuphule kakhulu izinga, kuvele iphenathi ngoRivaldo Coetzee ovimbe ibhola ngesandla ebhokisini.
Iphenathi ithathwe uManyama wayiqhatha nepali yabuyela enkundleni.
NgokukaBaxter le phenathi ibizokwenza omkhulu umehluko kodwa okumshiye eshaqekile ukuthi abadlali bakhe abebesenkundleni bamvumele kanjani uManyama ukuthi ayithathe.
“Ukube bengiwomunye wabadlali abebesenkundleni bengizomphushela kude nebhola uManyama ngoba ubuya ekulimaleni okumhlalise isikhathi eside,” usho kanje uBaxter esithangamani nabezindaba ngemuva komdlalo.
“Angikholwa ukuthi le phenathi bekufanele ayithathe uManyama yize ngazi ukuthi ubezoyifuna ngoba uyazethemba. Obekufanele kwenzeke ukuthi omunye wabadlali abebesenkundleni bamsuse kuyona ngoba kade engadlali isikhathi eside,” kuqhuba lo mqeqeshi.
Bahlanu abadlali abaziwayo ukuthi bathatha amaphenathi abebesenkudleni ngokusho kukaBaxter.
“Bayaziwa abadlali abathatha amaphenathi kodwa uma bezihlangula mina anginalo izwi kangako.
“Esijwayele ukukwenza ukuyinika lo osuke ezizwa kunabo bonke kodwa kulokhu umdlali obezizwa kunabo bonke ubedlala okokuqala ngemuva kwesikhathi eside futhi ubengene esuka ebhentshini.”
Phambilini esikhathini esiningi amaphenathi kwiChiefs ebethatha uDaniel Cardoso.