KUQHILIKA izihlathi kumqeqeshi weKaizer Chiefs, uStuart Baxter, ngokwenyuka kwefomu kaKeagan Dolly obuye phesheya kwezilwandle ezimukile emzimbeni.
UBaxter uthole intuba yokuphefumula emuva kokuthi ezakhe zibhudluze iChippa United ngo-4-0 koweDStv Premiership eFNB Stadium ngoMgqibelo. UDolly ushaye amagoli amabili, wakha elinye elishaywe nguKhama Billiat. Elinye lishaywe nguLazalous Kambole. UDolly uqokwe njengomdlali ovelele wosuku. Bekuyiwini yesibili yaMakhosi kule sizini.
"Ngijabule kakhulu ngomphumela womdlalo nokuzimisela kwabadlali. Ngichazekile ngoDolly, udlale kahle kakhulu. Indlela abecindezela ngayo phambili, uma ebhekene nomunye umdlali ephethe ibhola noma engaliphethe nokusebenza kanzima kwakhe nokushaya amagoli, kungijabulisile. Ngijabule kakhulu ngaye. Sithole amaphuzu amathathu amahle. Kumnandi ukunika usihlalo amaphuzu amathathu ngosuku lwakhe lokuzalwa," kusho uBaxter.
NgoMgqibelo uSihlalo weChiefs, uKaizer Motaung, ubehlanganisa iminyaka ewu-77 edla anhlamvana.
UDolly ujoyine Amakhosi ekuqaleni kwesizini esuka kwiMontpellier yaseFrance abewukudla kwebhentshi kuyona. Indlela abekade ezimuke ngayo imphendule inhlekisa ezinkundleni zokuxhumana, kwenziwa ihlaya ngokuthi kumele anciphe. UBaxter uthe alukho uhlelo olukhethekile abamfake kulona uDolly ukuze ehlise isisindo kodwa kube wukuzikhandla kwakhe ejimini.
"Usebenze kanzima. Angikwazi ukuthi yimina owenze lokho. Kumqeqeshi kuphuma indlela yokwenza kodwa kumdlali kuphuma ukugqugquzeleka. Uma umnika iqhinga futhi elilandela njengoba linjalo kuyalunga. Ubekade esehlale isikhathi eside engadlali futhi nginesiqiniseko sokuthi uzokuqonda ukuthi uma ungadlali futhi ulahlelwe kude, kuyaphela ukugqugquzeleka nokufuna ukuhlala usesimeni esifanele," kusho uBaxter.
"Ngesikhathi efika kithina, yebo, ubezimukile futhi kudingeke sikulungise lokho. Bengingafuni ukuvele ngimphose enkundleni. Ibhola alipheli ezinyaweni zakhe, ukubona izikhala ngeke kuphele kuyena nonyawo lwesokunxele luseyingozi. Ngakho bengingalingeka ukuthi ngimfake kwesinye isikhathi kodwa bekudingeka ngiqaphele ukuze afinyelele lapho ekhona namuhla. Ngicabanga ukuthi manje usesimeni esihle futhi uyakujabulela ukudlala ibhola."
Akubuzwa ukuthi uBaxter uzoqhubeka nokuthembela ekuxhumaneni okuhle kukaDolly noBilliat uma sebebhekene neSuperSport United ngeSonto.