UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uStuart Baxter, ubalise ngeshwa lokulahlekelwa yizithenjwa zakhe, bebambana naMaZulu ngo-1-1 emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium ngoLwesithathu.
Ngaphambi kokuthi iChiefs ibhekane noSuthu kuvele ukuthi umdlali wayo, uKhama Billiat, ngeke esabakhona ngenxa yokugula.
Indawo yakhe ithathwe uKgaogelo Sekgota obesizana noBernard Parker phambili.
ULeonardo Castro, owabonakala okokuqala koweMaritzburg United ngempelasonto edlule, naye ubengekho ebhentshini lezikaBaxter.
"Iqiniso lithi siyabonakala isikhala sikaCastro, Samir (Nurkovic) nesikaBilliat. Empeleni silahlekelwe abadlali abane bezinga eliphezulu. Ngalokhu kangiqonde ukubika izaba ngokuhlulwa ukuthatha amaphuzu amathathu kuMaZulu. UBernard ngiyamthanda, wenza kahle kakhulu endaweni yakhe. Iminyakazo yakhe mihle kodwa kayanele. Nginethemba lokuthi uBilliat uzolulama ngokushesha,“ kusho uBaxter.
UCole Alexander weChiefs noSamkelo Mgwazela woSuthu baphume ngamakhadi abomvu emuva kokuthola amabili aphuzi.
UBaxter uzwakalise ukunengeka ngendlela ezakhe ezidlale ngayo.
"Umdlalo siwuqale kahle, sidlala ibhola ngokushesha, sizama nokwakha amathuba. Ngokuhamba kwesikhathi sehlelwe ukuzethemba nokugxila eqhingeni lethu. Siyeke ukukhonya ebesinakho emizuzwini ewu-15 yokuqala.
“Ngesikhathi sekhefu ngikusho kwacaca kubadlali ukuthi ngifuna ukubona ukuzethemba ekuhlaseleni nasekugcineni ibhola. Ngithe ngifuna senze isiqiniseko sokuthi AmaZulu ayagaxela emgogeni esiwucuphayo. Konke lokhu sihlulekile ukukwenza.
Esiwombeni sesibili sithole ikhadi elibomvu ngenxa yokuba yinhlakanhlaka komdlalo. Ayingijabulisanga indlela abafana bami abadlale ngayo ikakhulukazi esiwombeni sesibili."
Lo mqeqeshi ube esevikela u-Alexander ngokuthola ikhadi elibomvu kodwa wakuvuma ukuthi unomthwalo wokufundisa abadlali ukugwema lokhu.
"UHappy (Mashiane) wathola ikhadi elibomvu sidlala ne-Al Ahly. Lokhu kwawushintsha umdlalo. Nakuba kunjalo, akumele siphuce abadlali ukuzinikela ngoba nakhu sisaba amakhadi. Ngiyakuvuma ukuthi kumele sibafundise ukuziqoqa. Ngesikhathi ngifika lapha kwakukhalwa ngoWillard Katsande ngokuthola amakhadi ngenxa yobudlova. Ngakushintsha lokhu. Anginankinga ngamakhadi amabili atholwe uCole. Unompempe umnike wona ngenxa yokuphithizela komdlalo.
IChiefs, esendaweni yesihlanu ngamaphuzu awu-19, ngeSonto izovakashela iSwallows, eDobsonville Stadium.