SIBUSISO MDLALOSE
I-KAIZER Chiefs ingelinye lamaqembu amakhulu eNingizimu Afrika, futhi inomlando omude wokulolongwa ngabaqeqeshi bokufika nokuyibona abathathwa njengabalethe impumelelo enkulu kuleli qembu laseSoweto eminyakeni edlule, kusukela ekusungulweni kwalo ngasekuqaleni ko-1970.
Phakathi kwalabo baqeqeshi kubalwa u-Eddie Lewis, Ted Dumitru, Jeff Butler, Muhsin Ertugral, Ernst Middendorp noStuart Baxter. Bonke laba bakhuze ibuya amahlandla amabili nangaphezulu.
ULewis (ongasekho) odabuka e-England, ngumqeqeshi wokuqala wokufika ukucija Amakhosi wathatha izintambo ngo-1974, wagiya ephindelela kahlanu ukubedlula bonke abokufika.
Ulandelwa uJeff Butler (ongasekho) naye odabuka e-England, yena ophindelele izikhawu ezine. Kanti uDumitru, u-Ertugral noMiddendorp bona bakhuze ibuya kwaba kabili kuphela.
ULewis onqobele Amakhosi izicoco ngeminyaka yama-70, okubalwa kuzo iBP 8 (esiyiMTN 8), iLigi eyodwa, neBenson and Hedges (esiyiNedbank Cup) ngo-1976, kodwa umlando uveza ukuthi izinto zimphikile lo mqeqeshi ekubuyeni kwakhe okwesithathu (1980), elesine (1983) nelesihlanu ngo-1985.
Kanti ngenkathi uDumitru, ethatha izintambo okokuqala ngo-1985 kuya ku-1987, unqobe izicoco ezine, wenza esifanayo nangenkathi esebuya ihlandla lesibili phakathi kuka-2003 no-2005, enqobela Amakhosi izicoco ezimbili zeligi yePremiership nezimbili zeCoca-Cola Cup.
UButler oqeqeshe ihlandla lokuqala phakathi kuka-1988 no-89, unqobe isicoco esisodwa seJohn Player Special (esiyiTelkom Knockout) washiya maphakathi nesizini eshiya uJack “Black Stone” Chamangwana.
Ekubuyeni kwakhe okwesibili wenze ezibukwayo uButler phakathi kuka-1991 no-1992 enqobela iqembu izicoco zeligi ezimbili, iBP Top 8, neBob Save SuperBowl (esiyiNedbank Cup), nokuthe ngehlandla lakhe lesithathu phakathi kuka-1995 no-96 waphikwa yizinto.
UMuhsin Ertugral unqobele iChiefs izicoco phakathi kuka-1999 no-2002, okubalwa kuso nese-Africa Cup Winners Cup (esiyiCaf Confederation Cup) ngo-2001, nokho kuthe esephinde ebuya phakathi kuka-2007 no-2009, kwabheda uhlelo.
UMiddendorp uqeqeshe Amakhosi phakathi kuka-2005 no-2007 wanqoba isicoco esisodwa, kuthe ekubuyeni kwakhe ngehlandla lesibili phakathi kuka-2018 no-2020, waphikwa yizinto.
UBaxter osebuya ihlandla lesibili eziMpofaneni eziqede isizini edlule zishwiba izandla, ngehlandla lakhe lokuqala unqobele iZimpofana izicoco zeligi yePremiership amahlandla amabili, iNedbank Cup neMTN 8 phakathi kuka-2012 no-2015.
USimon Ngomane, ongumhlaziyI nochwepheshe webhola, uthi uBaxter ngeke abe yimpendulo yayo yonke imibuzo kwiChiefs kule sizini.
“Inselelo esabhekene noBaxter nethimba lakhe ngeyokuhlanganisa abadlali abafikayo, engikholwa ukuthi abanye babo abezinga eliphezulu, nalaba abakhona njengamanje ukwakha iqembu eliqinile.
“Impumelelo kaBaxter ilele ekusebenzisaneni namaphini akhe abaqeqeshi. Angalinge abathathe njengabafana bakhe abamlandela ibhola (ball boys) kodwa kumele akwazi ukucobelelana nabo ngamaqhinga nabo,” kusho uNgomane.