UZIMISELE ngokuqhubeka nokukhonya nakwiHarry Gwala District Marathon, uBathobile Mkhize, ngempelasonto edlule onqobe iDurban International Marathon, ebangeni lika-10km.
Le ntokazi yaseNtweka, eMkhambathini, egijimela iXcel Running Club, kwiDurban International Marathon yenze isikhathi esihle kunazo zonke eyake yazigijima ku-10km. Iqophe isikhathi esiwu: 35.31.
Itshele Isolezwe ukuthi kwiHarry Gwala izophinde igijime leli banga. Lo mjaho ungeSonto.
Umjaho omkhulu, ka-42km, uzosukela ku-612 Highflats, eXopo, uphelele eMzimkhulu College.
Ozoshaya intambo uzogoduka no-R50 000.
Kukhona nebanga lika-21km, elika-10km nelika-5km.
UBathobile uveze ukuthi useyilaxazile i imijaho ye-track, usezogxila ngokuphelele ebangeni lika-10km.
Le ntokazi ecijwa u-Ayanda Mncube, ithe eHarry Gwala izimisele ukwenza isikhathi esingaphansi kwemizuzu ewu-35.
"Angiqale ngokuveza ukujabula kwami ngokwenza isikhathi esihle kwiDurban International Marathon. Ngilaxaze itrack ngoba ngifuna ukuba ngomunye wabagijimi abenza kahle kuleli ku-10km. Sengike ngalithola ithuba lokumela iKwaZulu-Natal kuleli banga. Sengifuna ukumela iNingizimu Afrika. Lokhu kusho ukuthi kumele ngisebenze kanzima ngenze isikhathi esingaphansi kwemizuzu ewu-34. Angizukusixhamazelela lesi sikhathi, kodwa ngizogcina ngisenzile," kubeka uBathobile.
Lo mjaho wagcina ukugijinywa ngo-2020. Kulo ibanga lika-10km kwanqoba iwele likaBathobile, uThobile ngesikhathi esiwu-33.40.
Ngenxa yokwenza kahle kwezokugijima, ekuqaleni kwalo nyaka, uThobile uhlabane ngomfundaze eCentral University of Technology, eBloemfontein, eFree State.
UBathobile oveze ukuthi konke okumayelana nezokugijima ukubukela eweleni lakhe , uqhube wathi: “Akukho okunye engikuyela eHarry Gwala ngaphandle koku yonqoba. Kuyikho nje ukuthi umzila wakhona uyehlela. Ngiyazi kuzobe kunzima kodwa ngizimisele ngokuyibamba ishisa.”
UBathobile uveze ukuthi uma kuhamba kahle ngonyaka ozayo ufuna ukugijima nebanga lika-21km.
Omunye oya kwiHarry Gwala uJenet Mbhele onqobele iKwaZulu-Natal indondo yegolide kuma-ASA Marathon Championships ngempelasonto edlule.
Uphinde walala isithathu kwiDurban International. Uzogijima u-21km.
Ngo-2019, emjahweni omkhulu weHarry Gwala kwanqoba uNdumiso Sokhela (2:19.52), kwabesifazane intambo yashaywa uLoveness Madziva waseZimbabwe (2:43.24).