UKUQINISEKISA kweStellenbosch FC indawo yayo kwiTop 8, ingakapheli isizini yeDStv Premiership, kuyizithelo zokuqala ngonyawo oluhle ngokubona kwenhloko yabaqeqeshi kuleli qembu laseKapa, uSteve Barker.
UBarker ukusho lokhu kulandela ukunyomfa kweStellies umcimbi wompetha, iMamelodi Sundowns, abababhabhadise ngo-3-0 ovuthayo ngempelasonto edlule phambi kwezinkulungwane zabalandeli babo abebezobavalelisa kwazise bebedlala owokugcina ekhaya kule sizini.
Lo mqeqeshi uzwakalise injabulo enkulu ngokuqinisekisa indawo yabo kwiMTN 8 ngesizini ezayo yize kusasele umdlalo wokusonga nabakhaya, iCape Town City.
“Kuningi okuhle esikwenzile kule sizini ekubeni sidlale cishe (isizini) yonke ngabafana abancane, njengokunqoba ngale ndlela kwiSundowns esibayeni sayo,” kusho uBarker kwabezindaba.
“Konke lokhu kuyizithelo zokuqala ngonyawo oluhle isizini lapho sidlale khona eyokuqala engu-11 ngaphandle kwenduku.
“Kunesikhathi lapho kuke kwaba sengathi inqola iyaphuma kujantshi maphakathi nesizini kodwa saphinde sakwazi ukuyibuyisela. Ngemuva kwalokho sihambe kahle njalo njengoba sisonga ngale ndlela,” kulandisa uBarker.
“Sisalelwe umdlalo owodwa nabakhaya futhi esingangabazi ukuthi uzobe ulukhuni kodwa okumnandi ukuthi sesiyiqinisekisile indawo yethu kwiTop 8 okuyiwona vele umgomo ebesizibekele wona ngaphambi kokuqala isizini.
“Singaqala manje siphuphe nangokungaphezulu kweTop 8, sibheke maphezulu ne-log,” kusho lo mqeqeshi.
Ukuvala isizini neCity ukuchaze njengokuyisipesheli kwazise womabili la maqembu aseKapa ahlabene kule sizini njengoba iCity ilwela ukuqeda endaweni yesibili kanti iStellies (engompetha kwiDStv Diski Challenge), izifake kwiTop 8.
“Kuzoba usuku olumnandi kubantu baseKapa njengoba womabili amaqembu kubekhona ahlabane ngakho kule sizini.
“Siya kulo mdlalo ngenhloso yokuqeda endaweni engcono kunale esikuyona ngakho-ke angingabazi ukuthi umdlalo uzoba sezingeni eliwufanele owabakhaya.”
UBarker akazange avume ukuthi iwini yabo ikhombisa ukuthi iSundowns ibithambisile.
“Indlela ebesihlele ngayo nesidlale ngayo ibe nomthelela ekutheni kunyomfeke izinhlelo zeSundowns ngoba ayizwani namaqembu ayixina eduze.
“Nokwazi ukuthi ibhola belizoba kwiSundowns isikhathi esiningi bekusinika ithuba njalo ngejubane lika-Ashley (du Preez), njengoba kwenzekile sawathola ngaleyo ndlela amagoli.”