ISIKHULU esiphezulu seSuperSport United, uStan Matthews, sibalisa ngezindleko zokuholela umdlali ojika nelanga.
UMatthews ubendlala konke ngenkinga yemali ebhekene naMatsatsantsa ngenxa yeCovid-19 eyenze bashiywa ngabaxhasi. Ubhubhane nothaqa kushaye kwazwela emaphaketheni cishe kuwona wonke amaqembu ePremier Soccer League (PSL) amanye agcina ephoqeka ukwehlisa imiholo yabadlali. UMatthews uthe okunzima kakhulu ukuholela umgadli * -Iqraam Rayners oyoze adlale ngesizini ezayo. URayners, ubeyibamba kwiStellenbosch, usayine inkontileka yesibambiso neSuperSport ngoJanuwari. Kuphele inkontileka yakhe ngoJuni, wafudukela kuMatsatsantsa.
“Sinezindleko kodwa esingatholi lutho ngokungena kuzo. URayners ufike kithina ngoJulayi 1 njengoba samsayinisa. Uhola kithina kumanje kodwa asikwazi ukumdlalisa kuze kube yisizini ezayo. Ubezoqala ukudlala kithina ngo-Agasti uma kuqala isizini entsha kodwa ngenxa yeCovid-19 sekufanele alinde. Kuyasinda lokhu. Ngaphezu kwalokho kunabadlali abebekade bephelelwa yizinkontileka esiphoqeleke ukubasayinisa izinyanga ezimbili nesigamu. Ayikho imali ebesiyihlelele lokho,” kusho uMatthews izolo esithangamini seSouth African Football Journalists Association.
Phakathi kwezindlela uMatthews athe bazozisebenzisa ukulwa nesimo somnotho esibi eqenjini, wukudayisa okungenani abadlali ababili * -Aubrey Modiba ofunwa yiMamelodi Sundowns nomgadli uBradley Grobler obefunwa uthuli yi-Orlando Pirates.
“Uma sifuna ukuthola abadlali emakethe kufanele sidayise okungenani abadlali ababili ngoba uma singakwenzanga lokho asikwazi ukuthenga. Ngaphezu kwalokho sizonyusa abadlali abasebancane abasuka ezinhlakeni zethu. Lokhu akufanele sikubheke kabi kodwa kumele sikubheke ngeso elihle lokuthi kuzoqhamuka abanye oTeko Modise,” kusho uMatthews.
“ISundowns ayikaze iyeke ukufuna uModiba. Kodwa okwamanje kuningi esikubhekayo njengokuthi njengoba sisalelwe yimidlalo eyisithupha, sinethuba lokuqeda endaweni yesithathu kwi-log bese siyodlala e-Afrika. UBradley sikhulumile naye ukuthi uma edinga imali enkulu kufanele aye kwelinye iqembu. Ngiyathanda ukumgcina futhi ngimthembise ukuthi ngizomnika isikhundla sokuqeqesha uma eseyekile ukudlala. Kodwa imali idingeka manje. Ngizophinde ngikhulume naye uma kuphela isizini. Okwamanje unethuba lokudla umklomelo wamagoli okungenza inyuke imali azothengwa ngayo.”
I-United izobuyela enkundleni neBloemfontein Celtic ngeSonto ngo-6 ntambama eBidvest Stadium.