Ezemidlalo Ibhola

U-Ouaddou akezwani namavila: umdlali

Zakhele Xaba|Published

UMA konke kuya ngamagama obengumdlali weMarumo Gallants, aphelile amahlathi kwabavilaphayo kwi-Orlando Pirates ngokufika komqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou.

NgoMsombuluko, iPirates imemezele u-Ouaddou waseMorocco, njengomqeqeshi omusha ozovala isikhala sikaJose Riveiro ofulathele eZimnyama, wajoyina i-Al Ahly yase-Egypt. Lo mqeqeshi onobuzwe baseFrance, usize iGallants yabalekela izembe kwiBetway Premiership, yaqeda endaweni yeshumi kwi-log. U-Ouaddou owayeyibamba emuva esengumdlali, unengcindezi yokuqhubeka nokuwina izindebe njengoba kwenze uRiveiro oshiye izindebe eziyisihlanu kumasizini amathathu ekhabetheni lePirates. 

UVusi Sibiya obeyibamba maphakathi emuva kwiGallants obengesinye sezithenjwa zika-Ouaddou, uchaze lo mqeqeshi njengongezwani namavila.

"Ukuziphatha kahle kuhamba phambili kuyena futhi uyindoda esebenza ngaphansi kwemigomo ethize. Ufuna abadlali abayilandelayo imiyalelo yakhe nabasebenza kanzima. Uma wenza njalo, noma yikanjani uhlala ukhona esikimini sakhe. Akezwani nabadlali abangafuni ukusebenza," kusho uSibiya ongomunye wabadlali abakhululwe yiGallants.

"Ungumqeqeshi okwahlulela ngokwenza ejimini. Uma umnika lokhu akufunayo, ngosuku lomdlalo uzongena esikimini. Konke ukubeka obala. Ngokwami iPirates ihlabene ngokuthola lo mqeqeshi. Okunye okuhle ngaye wukuthi uyabathanda abadlali abasebancane. Kuyena ayisho lutho iminyaka, ubheka indlela osebenza ngayo. Uyafakana ingcindezi kodwa ngendlela enhle futhi akezwani nokungenelwa ngamagoli kwazise wayengumdlali wasemuva."

Ukuthanda abadlali abasebancane kuka-Ouaddou, kulindeleke ukuthi kuhlomulise abaningi okuvalwe isizini sebekhombisile ukuthi kubafanele ukuthola indawo esikimini ngesikhathi benikwe ithuba nguMandla Ncikazi osazoqhubeka esikhundleni sokuba yiphini lomqeqeshi. Kulaba badlali kukhona uSimphiwe Selepe okuvalwe isizini eseyintandokazi yabalandeli. Kwasebeyenze eyabo indawo esikimini seZimnyama, kukhona uRelebohile Mofokeng, Mohau Nkota noMbekezeli Mbokazi. Izolo, iPirates imemezele ukuthi isayinise uSipho Mbule obebolekiswe yiMamelodi Sundowns kwiSekhukhune United. Ujoyina uSihle Nduli obeyibamba enkabeni yenkundla kwiStellenbosch. 

U-Ouaddou uzothola isikhathi sokulungiselela ukuqala kwesizini ka-2025/2026 njengoba iPirates izoya ekhempini eSpain, ngenyanga ezayo. EZimnyama zizodlala imidlalo emine namaqembu ahlukene. Zizobhekana neBolton Wanderers yase-England (Julayi 11), Pafos yaseCyprus (Julayi 13), Las Palmas yaseSpain (Julayi 17) neGranada  yaseSpain (Julayi 19).