Ezemidlalo Ibhola

U-Okon ukhiphe unyawo kwiBafana iphoxa koweCosafa

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMDLALI wasemuva wSuperSport United u-Ime Okon oshaye into yamehlo izolo yize iBafana Bafana iqale iCosafa Cup ngebatha ngokuphoxwa yiMozambique izolo eBloemfontein

Image: BACKPAGEPIX

Bafana Bafana (0) 0

Mozambique (0) 1

KUQGAME isitobha seSuperSport United, u-Ime Okon, ngesikhathi iBafana Bafana iphoxa emdlalweni wokuqala weCosafa Cup eFree State Stadium, eBlomfontein, ngoLwesithathu ntambama.

U-Okon akagcinanga ngokuzidayisa kubaqeqeshi beBafana Bafana kodwa nasemaqenjini athathwa njengamakhulu aseNingizimu Afrika nawaphesheya kwezilwandle okuthiwa ayamzingela, kufanele ukuba kuhlale obala ukuthi lesi sitobha esineminyaka engu-21 ubudala sesivuthwe ngokwanele.

U-Okon ophelelwa yinkontileka ngoJuni 30 ngokusho kwabaphethe izindaba zakhe, ushaye into ecokeme koweBafana ka-Group A weHolywoodbets Cosafa Cup ewudlale neMozambique eMangaung.

Kuke kwaba nokuphambana kwemibono phakathi kwesikhulu seSuperSport, uStan Matthews nophethe izindaba zika-Okon, uGlyn Binkin, ngenkontileka yalo mdlali abaningi abambona engasakufanele ukudlala kwiCosafa.

Kwagcina ngokuthi uBinkin alimise ngesihloko elokuthi ngoJulayi 1, u-Okon uzobe esengajoyina noma yiliphi iqembu alithandayo ngoba inkontileka izobe isiphelile.

Ngaleso sikhathi uBinkin wakuqinisekisa nokuthi ngaphandle kwalapha eNingizimu Afrika nakwawaphesheya kwezilwandle u-Okon uyinyama.

Indlela u-Okon adlale kahle ngayo koweMozambique, kufanele ukuba noHugo Broos uhlabeke umxhwele lapho ekhona kwazise usanda kukhala ngokuthi nakuba udonga lwakhe lwasemuva lusaqinile kodwa isihambile iminyaka kulona.

Kusukela kwiKaizer Chiefs, Orlando Pirates kuya kwiMamelodi Sundowns alikho iqembu okubukeka angeke afike angene khaxa kulona u-Okon. Ngakho-ke ukudlala kwakhe kahle kwi-Cosafa kungase kumsize ngezindlela eziningi.

Yize iBafana isiqale kahle isiwombe sokuqala kodwa ayizange iwasebenzise ngendlela amathuba amahle ewatholile kusona.

Okugqame kulesi siwombe wubuhlakani bukaKabelo Dlamini obelokhu ewaphakile amabhola kodwa ebahlula uVictor Letsoalo, Puso Dithejane noSanele Barns.

Kulamule i-VAR iBafana izithola isilandela emuva ngenxa yegoli likaDithejane abelishaye ngakubo ngenxa yengcindezi yeMozambique.

Kusabhekwe lokho, iMozambique iphinde yabuya yalibeka enethini ngonyawo luka-Antonio Augusto Sumbane sekusele imizuzu engaphansi kwengu-20 ukuba umdlalo uphele.

Ngokubona ukuthi kuyonakala, umqeqeshi uVela Khumalo, ufake uWandile Duba obelandela uMduduzi Shabalala kodwa bekulokhu kuyiMozambique eqhubeka nokukhombisa izimpawu zokuba yingozi.

Kulokhu i-VAR ilamulele iMozambique kulandela iphenathi ebibekwe unondweba. Ngemuva kwalokhu bese kusobala ukuthi iBafana isilahle ithemba kwaze kwaba umdlalo uyaphela.