U-GORDON Igesund usafuna elinye ithuba lokuqeqesha iBafana Bafana asakholwa wukuthi abenzekanga ubulungiswa exoshwa kuyona ngo-2014.
IBafana isematheni kubathandi bebhola eNingizimu Afrika kulandela ukwehluleka kwayo ukuzibekisela indawo emqhudelwaneni i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngaphansi kobuholi bukaMolefi Ntseki. Ihlulwe iSudan ngo-2-0 kowokugcina wokuhlunga ngempelasonto, kwaphela kanjalo ngayo nalo mqhudelwano.
Umbuzo omkhulu uthi iSouth African Football Association (Safa) izoqhubeka yini noNtseki kwazise iBafana isabhekwe yimidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba?
I-Igesund uthe iSafa kufanele izehlise, ibheke amarekhodi abaqeqeshi abane bakamuva beBafana, ibuyise omunye wabo. Laba baqeqeshi nguyena u-Igesund, Shakes Mashaba, Stuart Baxter noPitso Mosimane osepheka i-Al Ahly.
"Sibenabo abaqeqeshi abahle kwiBafana Bafana eminyakeni edlule kodwa asibagcinanga. Irekhodi lami kwiBafana liyazikhulumela. Ngahlulwa kabili kuphela emidlalweni esemthethweni kodwa yangavuselelwa inkontileka yami. Inkinga yethu asikwazi ukubekezela. Umqeqeshi uhlulwa kanye emdlalweni wobungani bese eyaxoshwa. Lokhu kwenzeka kimina, nakuPitso kwenzeka okufanayo," kusho u-Igesund.
"ISafa kufanele izehlise icubungule amarekhodi alaba baqeqeshi kwiBafana. Ibheke imidlalo yabo nokuthi iqembu lenza kanjani ngaphansi kwabo? Ubekwe eceleni umona nokwenzelela kodwa kubhekwe imisebenzi. Akufanele iSafa ibheke ukuthi izongena ehlazweni ngokubuyisa umqeqeshi eyamxosha kodwa kumele ivume ukuthi yenza iphutha ngokumdedela. Ngisasho namanje ukuthi iSafa yenza iphutha ngokungigudluza esikhundleni. Yenza iphutha ngokususa uPitso ngoba naye lihle irekhodi lakhe. Kufanele iSafa ibuyise omunye wethu ngoba mahle amarekhodi ethu kwiBafana. UGordon engenza umsebenzi omuhle kwiBafana," kusho u-Igesund.
Isiyonke imidlalo ka-Igesund kwiBafana ingu-32 (sekuhlangene neyobungani). Wanqoba engu-14, wahlulwa kweyisishiyagalolunye, wadlala ngokulingana kweyisishiyagalolunye. Emidlalweni esemthethweni, uMosimane, waba nengu-16, wawina eyisithupha, wadlala ngokulingana kweyisikhombisa, wahlulwa kwemithathu kuphela. UMashaba uhlale ebhentshini leBafana emidlalweni engu-27, wawina engu-12, wadlala ngokulingana eyisibalo esifanayo, wahlulwa kathathu. UBaxter, obuye amahlandla amabili kwiBafana, uwine imidlalo eyisishiyalombili kuphela kwengu-21 kwihlandla lesibili.
"Angimgxeki umqeqeshi okhona kodwa kuyabheda uma ezisholo yena ukuthi uhlulekile. Lokho ngikusho uma kuyiqiniso engikufunde emaphepheni ukuthi ukushilo. IBafana idinga umqeqeshi oqinile ngokomqondo. Umqeqeshi ozowanqonda amandla abadlali eqenjini lakhe. Kudingeka abe nesibindi sokuthi ngeke ngimbize esikwatini umdlali uma engadlali kahle noma ngabe kukhulu akwenzela izwe phambilini. Kufanele umqeqeshi akhe ubuhlobo nabaqeqeshi bamaqembu wonke, axoxe nabo ngabadlali. Isimo esibhekene naso asidingi ukuxhamazela. Kodwa sidinga ukuthi iSafa nethimba layo, bahlanganise amakhanda bacubungule imisebenzi yabaqeqeshi ebadedelile eminyakeni edlule, itomule kubona ozothatha izintambo," kusho u-Igesund.