KUPHELILE nya ngeBidvest Wits ebholeni lakuleli ngemuva kweminyaka engu-99 leli qembu likhona.
IWits iqede isendaweni yesine kwi-log ye-Absa Premiership ngempelasonto edlule, ngemuva kokwehlula iPolokwane City ngo 3-1.
Ngokwejwayelekile uma iqembu linqobile, kuyaye kuthi uma kuphela umdlalo abadlali bajabule kodwa akubanga njalo kwiWits.
Isizathu salokhu ukuthi iWits isidayisiwe, ngesizini ezayo izokwaziwa ngeTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM). Kube nomunyu ngemuva komdlalo, kuphela ngaleli qembu.
UGavin Hunt obepheka Izitshudeni uveze izinto afisa ukukhunjulwa ngazo kuleli qembu aqophe umlando nalo.
“Ngifuna ukukhunjulwa njengomqeqeshi owanika inqwaba yabadlali ithuba lokuba bazibonakalise. Abadlali abalibamba ngazo zombili ithuba bayahlonishwa namhlanje, lokho kungijabulisa kakhulu. Ngifisa ukuncoma ukuzinikela kubo bonke ebesibambisene nabo ngoba senze obekubukeka kunzima kakhulu sanqoba isicoco seligi nobekuyinto engakaze yenzeke eminyakeni engu-97 (njengoba besinqobe kumasizini amabili edlule) iqembu lasungulwa. Ngenxa yokuthi asinalo iqembu elinezinsiza eziningi, lokhu kungijabulisa kakhulu impela,” kusho uHunt ngomoya ophansi.
Eminyakeni eyisikhombisa uHunt ayihlale kwiWits unqobe zonke izicoco ngaphandle kweNedbank Cup. Nakuyona iNedbank wehlulwe kabili kowamanqamu.
“Osekubalulekile njangamanje ukuthi wonke umuntu ebengisebenza naye athole umsebenzi maduzane,” kusho uHunt.
Imibiko yakamuva iveza ukuthi lo mqeqeshi onezicoco ezine zeligi, uxoxa neKaizer Chiefs ebhedelwa yizinto njengoba sekuphele iminyaka emihlanu inganqobi sicoco.
Uma uHunt engathatha izintambo kwiChiefs kungasho ukuthi uzovala isikhala sika-Ernst Middendorp onikeze ithemba elingekho abalandeli beChiefs kodwa bahluleka ngosuku lokugcina ukuwina isicoco. Uma kungaya ngokushiwo ezinkundleni zokuxhumana, abalandeli bamfuna ekhonjwe indlela uMiddendorp njengoba bebelokhu besho ukuthi alilihle ibhola elidlalwa yiChiefs.
Elinye iqembu okuke kwabikwa ikuthi ligaqele uHunt yi-Orlando Pirates eqeqeshwa uJozef Zinnbauer.