Sithembiso Mkhize
U-Ertugral oseyinhloko yosomaqhinga eqenjini lesizwe langakubo eTurkey, utshele Isolezwe ukuthi kuyinto engajwayelekile ukuthi esikhathini esincane kangaka iChiefs ibe seyiqashe le nqwaba yabaqeqeshi.
Uthe impumelelo ilele kumqeqeshi owazi usiko mpilo lweqembu. Wenze isibonelo ngeMamelodi Sundowns eqoqa kwasani oluphambi kwayo ngenxa yokunika uPitso Mosimane isikhathi esanele nalo lonke uxhaso aludingayo.
Ukhuluma kanjena nje u-Ertugral kulandela ukuphunyukwa kweChiefs isicoco seligi esigcine sithathwe iSundowns emdlalweni wokugcina. Kwenzeke lokhu ekubeni maphakathi nesizini ike yavula igebe lamaphuzu angaphezu kwalishumi.
Ngemuva kokuhluleka okwesihlanu iminyaka ilandelana wukunqoba isicoco, usihlalo, uKaizer Motaung, ube esemkhomba indlela u-Ernest Middendorp obengumqeqeshi obefike ngoDisemba 2018 kanye nephini lakhe uShaun Bartlett.
U-Ertugral wayethathe izintambo kuGiovani Solinas owayelandele kuSteve Komphela.
U-Ertugral uthe ukuxoshwa kukaMiddendorp kusho ukubambezeleka kweqembu njengoba umqeqeshi omusha ezofika nokuhlukile. Nabadlali kuzmele baqale bafunde indlela enza ngayo.
“IChiefs inosikompilo lwayo. Kuyona yonke le minyaka eyedlule impumelelo yayo beyilele kulo. Selokhu kwahamba uStuart Baxter ngo-2015, kulesi sikhashana seyiqashe inqwaba yabaqeqeshi. Kangazi noma kayiboni yini ukuthi lokhu ukupheka kwayo ithulula kakusizi. Nakuba sengiseTurkey ngisalilandela ibhola laseNingizimu Afrika. Ngokubona kwami inkinga incane kakhulu kubadlali, kudinga ukuqiniswa izindawo ezimbalwa,” kubeka u-Ertugral ogcine ukubonakala kuleli kwiMaritzburg United ngo-2019.
Egijima ngabadlali abanjengo-Arthur Zwane, Patric Mbuthu, Jabu “ Pule” Mahlangu, Patrick Mabedi, noCyril Nzama, ngesizini ka-2001-02, u-Ertugral wanqoba iBP Top Eight, Coca Cola Cup, Vodacom Challenge, African Cup Winner’s Cup. Ngaphansi kwakhe iChiefs yaphinde yaklonyeliswa ngendondo ye-African Club of the Year. Wayefike ngo-1999, wahamba ngo-2003.
Esebuya okwesibili ngo-2007 kuya ku-2009, wanqoba neTelkom Knockout.
Mayelana namahlebezi athi uGavin Hunt ungomunye wabaqeqeshi abafunwa yiChiefs, u-Ertugral uthe:” UHunt uhlakaniphile. Okuhle ngaye wukuthi uyalazi ibhola lalapho okuyinto edingwa yiqembu elinjenjeChiefs ne-Orlando Pirates. Usethubeni lokwenza kahle uma iChiefs igcina ngokumthatha. Into ekhona nje ukuthi kumele anikwe ithuba bese nabaphathi beqembu bameseka ngakho konke”. Elinye igama eselivela kwabangase bathathe elika-Adel Amrouche wase-Algeria.
U-Ertugral ohambe kabi kwiBucs ngo-2016 emuva kokubhaxabulwa yiSuperSport United ngo-6-0 ubalule ukuthi kwisizini ka-2020-21 umbango uzoba phakathi kwiSundowns nePirates. Mhlawumbe iChiefs ingaze ibuye ngeka-2021-22.