XOLILE MPISANE
IBANYANA Banyana ingenile ekhempini ngoMsombuluko ukuzolungiselela umdlalo wobungani ezowudlala neNetherlands, edolobheni laseZwolle, ngoJulayi 3.
Lo mdlalo uyingxenye yamalungiselelo emidlalo yokuhlungela i-Africa Women Cup of Nations (AWCON) ezoqala ngo-Okthoba, lapho iBanyana iqhathwe khona neMozambique.
Iqembu laseNetherlands lona lizilolongela imidlalo yama-Olympics ezoba seTokyo ngenyanga ezayo.Umqeqeshi weBanyana uDesiree Ellis ukholwa ukuthi bazozuza okuningi kulo mdlalo.
“Sicele iSafa nabaxhasi bethu iSasol ukuthi basitholele umdlalo ozoba inselelo. Kuyasithokozisa ukuthi sizodlala neqembu eliphezulu njengeNetherlands. Sagcina ukudlala nabo ngo-2019,” kusho uEllis.
“Balele endaweni yesithathu ohlwini lwamazwe omhlaba, bahlulwa kowamanqamu kwiNdebe yoMhlaba ngo-2019 futhi basemazweni athwelwe ngeqoma njengoba kuzoqala ama-Olympics.
“Nathi silungiselela imidlalo yokuhlungela i-AWCON, leli ithuba lokubheka ukuthi sikuliphi izinga, nokuthi sinyuse igiya emva kokunqoba imidlalo esiyidlale neZambia neBotswana.”
Yize noma bekhona abadlali abaphuma phesheya njengoJanine van Wyk, Ode Fulutudilu noJermaine Seoposenwe, baningi abazobe bengekho ngenxa yezizathu ezehlukene.
ULebohang Ramalepe odlala eBelarus akayitholanga i-visa ngenxa yemigomo ye-Covid 19, uRefiloe Jane, uLeandra Smega, Kholosa Biyana noNothando Vilakazi basalulama. Amaqembu adlalelwa u-Hildah Magaia noLinda Motlhalo anqabile ukubadedela.
U-Amanda Mthandi noRhoda Mulaudzi bona bashiywe ngenxa yokuthi sekunesikhathi eside bagcina ukudlala.
“Ngeshwa kunenqwaba yabadlali abangakwazanga ukusijoyina ngenxa yezizathu ezehlukene. Ziyenzeka izinto ezinjalo, ikakhulukazi njengoba sisalwa nobhubhane lwe-Covid 19.
“Besifisa ukuthi bonke babe yingxenye yale khempu kodwa futhi sekuvuleke izikhala zokuthi abanye abadlali bazibonakalise uma sesibhekene neqembu eliyingozi njengeNetherlands,” kusho u-Ellis kwiSafa.net.
Unozinti uRegirl Ngubeni, odlalela i-University of Western Cape, uyena oqalayo ukubizwa eqenjini lesizwe. U-Ongeziwe Dlangisa, ogijima kwi-Sunflower Women’s Football Club yaseHammarsdale, uyena yedwa okhethiwe odlala kwiSasol League.