Sithembiso Mkhize
SIZOGUGELA kwiDStv Premiership, isethenjwa seMamelodi Sundowns, uThemba ‘Mshishi’ Zwane othishwa ngokuthi angakhala emuke nomklomelo wePremier Soccer League (PSL), womdlali ovelele ngesizini ka-2019/20.
Nakuba uJazzman Mahlakgane oyimenenja yakhe, evuma ukuthi akhona amaqembu aphesheya aseke abuza ngoZwane (31) kodwa uthi ngeke amthole ngoba ngamaqembu asemaligini angamgculisi.
Empeleni uMahlakgane ushaye ngonyawo phansi wathi ngeke avume ukuthi isibabuli saseTembisa, eGauteng siyodlala emazweni nakumaligi ezinga eliphansi ekubeni singumdlali wezinga eliphezulu.
“UZwane ujabule ngendlela eyisimanga kwiSundowns futhi usazoba wusizo olukhulu empumelelweni yayo. Ngeke ngikuvume ukuthi azehlise izinga lakhe ngokujoyina amaqembu akula mazwe anamaligi ezinga eliphansi ngoba nakhu kuthiwa awase-Europe. Ufanelwe okungcono kakhulu, uwumdlali wezinga eliphezulu. Ngaphandle kwalokhu useshaywa iminyaka. Mhlawumbe ukube una-22 besizozamukela izicelo zala mazwe,” kubeka uMahlakgane.
Ngaphezu kwalokhu, iDStv Premiership ingenye yamaligi amakhulu emhlabeni futhi eholelayo. UMahlakgane obuye aphathe nezindaba zabadlali abanjengoSiphiwe “Shabba” Tshabalala, okungacaci ukuthi usewagaxe omgebeni noma cha, uthe seyihambile iminyaka kuZwane.
Ebuzwa ukuthi wamvumela kanjani uTshabalala ukuya phesheya ngoba naye iminyaka yase yevile kwengu-30, uthe:
“Uqhathanisa abantu abahlukene, abanesipiliyoni esingafani. UTshabalala ubesekwenze konke. Udle izicoco waqede wadlala nakwiFifa World Cup.
“Ngaphandle kwalokhu kwakunezivumelwano ezingale kwebhola ngokuya kwakhe eTurkey, kwiBB Erzurumspor. Lapha ubehlonishwa ngendlela eyisimanga. Yebo noZwane usegudlile, wadla neCaf Champions League, kodwa udaba lwakhe luhlukile”.
UMahlakgane uthe akusabayo ukuthi uma abezindaba beke baveza ukuthi umdlali ufunwa phesheya wehlisa izinga.
UZwane uthishwa ukudla umklomelo wePSL womdlali ovelele wesizini ka-2019/2020. Amanye amagama avelayo embangweni, ngelikaSamir Nurkovic noLebogang Manyama beKaizer Chiefs nelikaPeter Shalulile obedlala kwiHighlands Park nosejoyine iSundowns.
UNurkovic noShalulile bamincisile ngamagoli uZwane.
Ngesizini edlule uShalulile waseNamibia ubambane noGabadinho Mhango we-Orlando Pirates ngokushaya amagoli amaningi awu-16 eligi.
UZwane ulime indima enkulu ekutheni ezakhe ziwine izicoco ezintathu ngesizini edlule, isicoco seligi, Telkom Knockout neNedbank Cup. Umgqigqo wakhe ubuhlale ume ndawonye.
Kuyona yonke imiqhudelwano ushaye amagoli awu-14, wakhanda awu-12 emidlalweni ewu-41. UNurkovic naye ushaye awu-14, wakhanda ayisithupha.
UManyama ushaye ayisikhombisa, waba nesandla kwangu-10.