ICHIPPA United isinqume ukuhlukana noLuc Eymael obemenyezelwe ngoMsombuluko njengomeluleki wethimba labaqeqeshi.
Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesithathu leli qembu likhale ngokungaphathwa ngendlela odabeni lokusolwa ngokucwasa ngokobuhlunga luka-Eymael olwenzeka eTanzania lapho ayeqeqesha khona iYoung Africans nyakenye.
NgoDisemba odlule kusuke umsindo kuleli ngesikhathi iChilli Boyz iveza ukuthi izoqasha u-Eymael. Igcine indawo yakhe ithathwa uDan Malesela yena oxoshwe ngempelasonto edlule ngenxa yokugqoza kwemiphumela emihle.
Iqembu libe seliqasha u-Eymael njengomeluleki lithi lisalinde inhlangano yebhola kuleli, iSouth African Football Association (Safa) ukuthi icacise ngokuthi imi kuphi ngokusebenza kwalo mqeqeshi kuleli.
Phambilini iSafa yathi ngeke ivume ukuthi u-Eymael asebenze lapha eNingizimu Afrika ngenxa yezinsolo abekwa zona lapho abiza khona abalandeli beYoung Africans ngezinkawu ezibanga umsindo, ezingani lutho ngebhola. UMasipala iNelson Mandela Bay oxhase iChippa, nawo wakuhlaba ukuthi iqembu liqashe lo mqeqeshi.
Njengoba selimbuyisile i-EFF e-Eastern Cape ikhiphe isitatimende ikugxeka ukuqashwa kwakhe.
Esitatimendeni iChippa isole inhlangano yezokusakaza iSouth African Broadcasting Corporation (SABC) ngokwenzelela ekubikeni ngalolu daba.
“Kumele kucace ukuthi isinqumo sokuhoxisa ukuqasha u-Eymael asithathangwa ngenxa yobufakazi obuqunile noma ngenxa yezeluleko eziqinile zomthetho mayelana nayezinsolo abhekene nazo kodwa yingoba iqembu likuqonda ubucayi bazo futhi likuqonda ukukhala okukhona emphakathini nokunikeza isikhathi sokuthi ziphenywe ngokugcwele,” kuchaza isitatimende mayelana nokungaqasha kuka-Eymael nyakenye.
Iqembu liveze ukuthi u-Eymael ufunge wagomela ukuthi uzobuyela kwelakubo eBelgium aqhubeke nokulwela ukugeza igama lakhe. Kuthiwe iChippa izimisele ngokuthathela inhlangano yezokusakza izinyathelo ngendlela esingathe ngayo lolu daba.
“IChippa isinqume ukungaqhubeki nokuqasha u-Eymael ozobuyela eBelgium. Kusobala ukuthi u-Eymael udinga isikhathi sokugeza igama lakhe. Njengeqembu asihambisani ngokucwasa ngokobuhlanga. Sifuna ukucacisa ukuthi besingeke sifune ukuqasha u-Eymael uma izinsolo abhekene nazo bezikhona lapho eziqinisekiswe khona,” kuqhuba isitatimende.