KUVELA ukuthi wukungavumelani ngemali kwamaqembu okubambezele ukuthi isethenjwa seLamontville Golden Arrows, uPule Mmodi, sisayine kwiKaizer Chiefs.
Emasontweni edlule Isolezwe libe ngelokuqala ukuveza ukuthi lesi sikhwishikhwishi silibhekisa eNaturena.
Abaningi bebezitshela ukuthi kuzoshaya lesi sikhathi Amakhosi esemethulile ngokusemthethweni uMmodi.
Isolezwe lithole ukuthi into evimbile njengamanje ukungavumelani kwamaqembu ngemali yokudayisa lo mdlali. Kuthiwa i-Arrows ifuna u-R7 million etafuleni. Ngakokunye uhlangothi kuthiwa Amakhosi abeka u-R6 million.
Nakuba siphela isivumelwano sikaMmodi ne-Arrows ekupheleni kwenyanga ephezulu kodwa Isolezwe lithole ukuthi kwinkontileka yakhe naBafana Bes’thende, kunombandela wokuyivuselela ngonyaka owodwa.
Kuvela ukuthi leli qembu laseThekwini lizimisele ngokuwusebenzisa lo mbandela ukuze lithole imali ngaye.
"Impela yimali ebambile manje ngodaba lukaMmodi. Kuleli sonto noma kwelizayo iChiefs ne-Arrows bazophinde bahlangane ukubhunga udaba lwakhe. Asethembe ukuthi bazofinyelela esivumelwaneni esizovuna zombili izinhlangothi. I-Arrows ayimdedele umfana ayozwa ubumnandi nengcindezi yokudlalela iChiefs," kubeka umthombo.
Njengaphambilini uNonceba Madlala oyimenenja ye-Arrows uphinde wathi iChiefs kayikaze ibathinte ngokufuna uMmodi. Uthe lesi sikhwishikhwishi sisengumdlali wabo.
UBoby Motaung weChiefs uthe uqala ukuzwa ngaleli phaphandaba ukuthi bafuna uMmodi.
"Ngiyaphinda ngiyasho, abadlali esibathengile sibamemezela ngokusemthethweni. Abezindaba kabangene," kubeka uMotaung.
UPule ufike kwi-Arrows ekuqaleni kwesizini ka-2020/21, waphenduka esinye sezithenjwa. Kwisizini yakhe yokuqala udlale ewu-28 yeligi washaya amagoli amahlanu.
Nakweka-2021/22 ushaye amahlanu esibalweni semidlalo esifanayo.
Kuleli windi i-Arrows isidedele uNkosinathi “Bhodlela” Sibisi osanda kumenyezelwa, yi-Orlando Pirates njengomdlali wayo. IChiefs iyona esidedele inqwaba yabadlali okukhona kubona unozinti uDaniel Akpeyi, Bernard Parker, Dumisani Zuma osesayinwe AmaZulu noLebogang Manyama iCape Town City esiveze ukuthi iyamfuna. Amakhosi asezoqeqeshwa ngokugcwele u-Arthur Zwane asamemezele uZitha Kwinika no-Ashley Du Preez njengabadlali bawo abasha.