SITHEMBISO MKHIZE
UVULE amaphekethe umengameli waMaZulu FC , uSandile Zungu, ngokuthi umqeqeshi waleli qembu, uBenni McCarthy, angathola noma yimuphi umdlali, kungakhathalekile ukuthi ubiza kangakanani.
UZungu utshele Isolezwe ukuthi usazohlangana nethimba labaqeqeshi eliholwa uMcCarthy ukuthola ukuthi bakhona yini abadlali abazobadinga njengoba kuzovulwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali. Livulwa ngoJanuwari 18, livalwe ngoFebruwari 15.
Uqhube wathi uma kukhona azobadinga uzomthengela noma yimuphi umdlali. Uthe uma lowomdlali esemkhombile uMcCarthy, uzokwenza isiqiniseko sokumletha oSuthwini kungakhathalekile ukuthi ubiza kangakanani.
"Ngisazohlangana nabaqeqeshi ngizwe ukuthi zikhona yini izindawo abazofuna ukuziqinisa. Uma uMcCarthy eke wamkhomba lowo mdlali ngizokwenza isiqiniseko sokuthi uyawujoyina umndeni wethu. Ngizomlanda noma ngabe ubiza kangakanani. Ngizokwenza isiqiniseko sokuthi ngilanda abadlali bezinga eliphezulu, abazofeza izinhloso zethu," kubeka uZungu.
UZungu ukhuluma kanjena nje, uMcCarthy usanda kutshela abezindaba ukuthi akazimisele ngokusayinisa kodwa usafuna ukusebenza ngabadlali abafice eqenjini. UMcCarthy unamasonto amathathu ejoyine AmaZulu ngemuva kokuthi kuhoxe u-Anyada Dlamini esikhundleni sokuqeqesha. Emdlalweni wakhe wokuqala bashaye iChippa United ngo 3-1.
Kubadlali abaficile abese besayinwe yiqembu kukhona uLuvuyo Memela oshisa engabaselwe, Augustine Mulenga, Xola Mlambo, Siphiwe Tshabalala, Siphelele Mthembu ukusho abambalwa.
UZungu uthe uMcCarthy bamnike wonke amandla eqenjini. Ngeke nangengozi bagxambukele emsebenzini wakhe.
"UMcCarthy umqeqeshi wezinga eliphezulu, sonke siyamhlonipha eqenjini. Ngeke nangengozi sigxambukele emsebenzini wakhe. Lapha oSuthwini kangifuni kwenzeke lento esike siyizwe kwamanye amaqembu, kuthiwe umqeqeshi usethelwa isikimu. Lapha uMcCarthy unelungelo ngisho lokuzisayinisela abadlali.”
Mayelana noTshabalala ongakaze adlale selokhu ajoyina leli qembu, uZungu uthe lesi sikhwishikhwishi esazakhela igama kwiKaizer Chiefs sesifithi ngokwanele, sesikulungele ukudlala.
"Empeleni ubekulungele ukudlala emdlalweni esishaye kuwo iChippa ngo-3-1. Abaqeqeshi bathe isimo sakhe somzimba sesiyagculisa. Ngikholelwa ekutheni umqeqeshi uzomnika ithuba uma sekufanele."
AmaZulu avula unyaka ngokubhekana neBloemfontein Celtic koweDStv Premiership ngoJanuwari 10, eSeisa Ramabodu Stadium.