XOLILE MPISANE
UNETHEMBA lokuthi iqembu lakhe lizowakhuphula amasokisi uma selibhekene neTP Mazembe emlenzeni wesibili umqeqeshi waMaZulu, uBenni McCarthy.
Ayikho evume ukugoba uphondo ngesikhathi lawa maqembu edudulana emlenzeni wokuqala obuseMoses Mabhida Stadium ngempelasonto, umdlalo waphela zibambene ngo-0-0.
UMcCarthy ulindele ukuthi ezakhe ziwuqale kangcono umdlalo emlenzeni wesibili ozobanjelwa eStade TP Mazembe eLubumbashi ngoMgqibelo.
Iqembu elizonqoba lizongena emzuliswaneni wamaqoqo kwiCaf Champions League.
"Angiboni ukuthi kumele sizingabaze, ikakhulukazi uma sibheka esikwenzile esiwombeni sesibili," kusho uMcCarthy.
"Besingcono kakhulu esiwombeni sesibili, sidlale ngomfutho omkhulu futhi sakwazi nokubadalela izinkinga.
"Kucacile ukuthi banamava kanti bekuwumdlalo wethu wokuqala okuleli zinga kulo mncintiswano. Besinovalo ngesiwombe sokuqala sabavumela ukuthi bahlanganise amathuba.
"Bakwazile ukugqobhoza udonga lwethu amahlandla ambalwa kwadingeka ukuthi uVeli (Mothwa) asitakule kodwa sibuye sakwazi ukumelana nabo."
USuthu lungene kulo mzuliswano ngokuguqisa iNyasa Big Bullets ngo-3-2. Lwadliwa ngo-1-0 ekhaya, lwabuya ekuhambeni lunqobe ngo-3-1.
UMcCarthy uthe noma iqembu lakhe lingathwelwe ngeqoma kodwa lingamangaza abaningi uma lingadlala ngokuzimisela.
"Ngikholwa ukuthi siyakwazi okumele sikwenze uma sesiseDRC ukuze sibuye nomphumela omangalisayo," kuqhuba uMcCarthy.
"Ngiyazi ukuthi abantu abaningi abakholwa ukuthi singakwazi ukukwenza lokho kodwa nginethemba lokuthi uma singasebenza kanzima, singadlulela emzuliswaneni wamaqoqo."
Nokho ngaphambi kokubhekana neMazembe koweligi, Usuthu luzodlala neTS Galaxy koweDStv Premiership. Umdlalo ungo-5.30 ntambama eMbombela Stadium.
Amanye amaqembu adlale ngempelasonto kweyeCaf, i-Orlando Pirates ibambane ngo 0-0 neDiables Noirs eCongo kwiConfederation Cup. La maqembu asezodlala kowomlenze wesibili ngeSonto.
IMarumo Gallants ekumqhudelwaneni ofanayo ishaye i-AS Vita ekuhambeni ngo 2-1. Bazodlala kowesili ngoLwesihlanu.