STHEMBISO NGOBESE
UZISHAYA isifuba umqeqeshi weqembu laMaZulu FC elidlala kwiDStv Diski Challenge, uSboniso “Nini” Vilakazi, phezu kokuthi belahle amaphuzu ngempelasonto.
USuthu oluncane luguqiswe omkhaya iMaritzburg United ngo 1-0 emdlalweni obuseKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Okuchaza uVilakazi wukuzimisela nokukhula akubona kubadlali bakhe, kangangoba ubona kukhona abanethuba lokukhushulelwa esikimini esikhulu uma beqhubeka nokunyusa izinga.
“Umdlalo wethu neMaritzburg ubumuhle kakhulu futhi siwuphathe uqala waze wayophela. Igoli abalitholile kube yinhlanhla nje yabo ngoba ibingekho into etheni abebeyenza. Sikwenze konke obekumele sikwenze kodwa kwasho khona ukuthi inhanhla ibingekho.
“Nakuba singanqobanga kulo mdlalo kodwa ngijabule kakhulu ngezinga elikhonjiswe ngabadlali bami, badlale ibhola eliseqophelweni eliphezulu kakhulu. Uma beqhubeka nokudlala ngale ndlela abadlala ngayo kulezi zinsuku nakanjani abanye babo bazozithola sebekhushulelwa eqenjini elikhulu kungekudala nje,” kusho uVilakazi.
Igoli eliguqise abafana abancane boSuthu libe ngumkhonto ogwaze ekhaya ngonyawo lukaSbongakonke “Scara” Ndlovu esiwombeni sesibili. AmaZulu abehlulwa okokuqala kule sizini emidlalweni emithathu asayidlalile kwiDiski Challenge.
Emdlalweni wokuvula AmaZulu adlala ingcwenga yebhola ngesikhathi eguqisa omkhaya iLamontville Golden Arrows ngo 4-2, kowesibili adlala ngokulingana ngo 0-0 neStellenbosch FC. Njengamanje ahlezi endaweni yesikhombisa kwi-log ngamaphuzu amane.
IMaritzburg engakahlulwa yavula ngewini ka 1-0 inqoba iTshakuma Tsha Madzivhandila, kowesibili yadlala ngokulingana ngo 0-0 neCape Town City. ITeam of Choice ihlezi endaweni yesihlanu ngamaphuzu ayisikhombisa.
Umdlalo olandelayo waMaZulu kwiDiski Challenge uzokuba ngoJanuwari 3 lapho ezobhekana khona neKaizer Chiefs ezihola phambili. Umdlalo uzoba seDobsonville Stadium, eSoweto.
Imiphumela yeDStv Diski Challenge:
Baroka FC 1-3 Stellenbosch FC; Mamelodi Sundowns 2-0 Lamontville Golden Arrows; Bloemfontein Celtic 4-4 Chippa United; Cape Town City 1-3 Supersport United; AmaZulu FC 0-1 Maritzburg United; Kaizer Chiefs 3-2 TS Galaxy; Orlando Pirates 4-1 Tshakuma; Black Leopards 2-0 Swallows FC.