Ezemidlalo Ibhola

OwoSuthu ufuna bayiwinele uNtuli iCarling

Zakhele Xaba|Published

URAMAHLWE Mphahlele ubekhulumela abadlali baMaZulu emngcwabeni kaBongi Ntuli izolo ngesikhathi ethembisa ukunqoba isicoco seCarling Black Label Knockout ukuze basiyise kubo kwalo mgadli oshone ngempelasonto edlule Isithombe: SIBONELO NGCOBO

UMDLALI waMaZulu FC, uRamahlwe Mphahlele, unxuse ozakwabo ukuthi basebenzise ubuhlungu bokushonelwa nguBongi Ntuli ukuwina indebe yeCarling Black Label Knockout, bayihambise kubo kalo mgadli eCato Ridge.

UMphahlele ubekhuluma enkonzweni yomngcwabo kaNtuli e-African Congregational Church, eCliffdale ngoLwesine. UNtuli ushonele esibhedlela ngempelasonto edlule kulandela ukubanjwa wumdlavuza isikhashana. Inkonzo yokumphelezela kade ihanjelwe yizinkumbi zabantu nabadlali bebhola bamaqembu ahlukene kwiPremier Soccer Soccer League (PSL) nezikhulu.

Umunyu kade ubhalwe emehlweni ezihambelini nakubadlali boSuthu abachaze uNtuli njengomuntu obelungile futhi ehlala eyinto eyodwa.

Ngesikhathi sekufanele kukhulume uMphahlele egameni labadlali, wesekwe ngozakwabo abafike baphahla ibhokisi likaNtuli.

"Ngiyazibuza ukuthi ngabe ezulwini kuneqembu lebhola yini. Kungenzeka yini ukuthi uClive Barker ubedinga umgadli, waqoka ukulanda uNtuli. Silahlekelwe ngumfowethu obelungile. Ubefika ejimini njalo emoyizela. Silahlekelwe ngamagoli. Ubeshaya amagoli ngesikhathi siwadinga khona kakhulu. (Sandile) Zungu (umengameli woSuthu), angazi ukuthi uzomtholaphi omunye umgadli," kusho uMphahlele.

UNtuli ushiye Usuthu selungene kowandulela owamanqamu weCarling Knockout oluzowudlala neTS Galaxy ngoDisemba 2, eThekwini.

Ngesikhathi uMphahlele eqhubeka nenkulumo, abanye abadlali baMaZulu bebekhihla isililo.

"Kozakwethu, lobu buhlungu enibuzwayo manje abunifake umfutho wokuqhubekela phambili emidlalweni yethu. Asidlalele yena. Asilweni. Sikowandulela owamanqamu eCarling. Sisalelwe yimidlalo emibili siyiwine. Angifuni ukuthi uma kwenzeka siyiwina ngoba sizoyiwina. Uma sesiyiwinile, asiyithathe siyihambise eCato Ridge senzele uBongi ngoba yilokho abengakufisa. UBongi ubengafuni sazi ukuthi usezinhlungwini, ubefika kuyona yonke imidlalo azoseseka," kusho uMphahlele.

Okhulumele abangani, u-Uyanda Jali, uthe bebengahlukani noNtuli. UJali ubephahlwe ngabanye abangani okukhona kubona uJabulani Ncubeni osedlala kwiRoyal AM, Nkanyiso Madonsela osanda kuhlukana neSekhukhune United, Mxolisi Kunene noDumisani Zuma ohlukane noSuthu, wajoyina iMoroka Swallows ekuqaleni kwesizini.

"Ngiyabona abantu abaningi basithumelela imiyalezo bengiduduza kodwa lokhu angiboni ukuthi kuzodlula. Bengigudla naye. Izinto zaMaZulu ngizazi zonke ungathi ngidlala khona. Awekho amazwi angachaza ubuhlungu esibuzwayo singabangani bakhe. Besihlala sibukela kuyena njengomfowethu, "kusho uJali.