UMA kungaya ngamazwi esibabuli saMaZulu FC uSiphelele Magubane, Usuthu luzoyiqumba phansi iKaizer Chiefs namuhla lubuye namaphuzu amathathu. UMagubane uthi amalungiselelo alo mdlalo ahambe kahle kakhulu, abaziboni beshaywa Amakhosi kabili kulandelana, ezinyangeni ezimbili.
La maqembu omabili azotholana phezulu emdlalweni weDStv Premiership ozoba seFNB Stadium, ngo-3 ntambama. Ziya kulo mdlalo nje, ngomzuliswano wokuqala owawuseThekwini, ezikaGavin Hunt zanqoba ngo 1-0 wegoli likaSamir Nurkovic ngoJanuwari.
Nokho Usuthu luzoya kulo mdlalo ngokuzethemba kwazise lugcina ukuya eFNB Stadium lwabuya namaphuzu aphelele, lunqoba ngo 1-0 wegoli likaBongi Ntuli. IChiefs selokhu igcine ukudlala yehlulwa iBay ngo 2-1 (kwiNedbank Cup), kanti Usuthu lona ludlale ngokulingana neSwallows FC emdlalweni ophele ngo 0-0 ngmepelasonto edlule.
"Sigcine ukuthatha uhambo lwalolu hlobo, sabuya namaphuzu amane eGauteng. Namanje lokho sifuna ukukuphinda. Umdlalo siwulungele kakhulu, namalungiselelo ahambe kahle kakhulu. Siyazi futhi ukuthi kukhona abanathi ngokwezinhliziyo, abasesekayo nokuyinto esiyithokozela kakhulu," kulandisa uMagubane.
Emidlalweni eyisithupha yakamuva kwiDStv Premiership AmaZulu awayazi nhlobo induku. Empeleni selokhu izintambo zathathwa uBenni McCarthy njengomqeqeshi kuleli qembu, asashaywe kanye . IChiefs iyona kuphela esahlule uMcCarthy.
"Ukuzwana kwethu yikona okungihlaba kakhulu umxhwele ekhempini yethu. Besingakujabulela ukubuya namaphuzu ayisithupha kule midlalo emibili esizoyidlala lapha eGoli, kodwa-ke amaphuzu amane, angasithokozisa kakhulu," kusho uMagubane.
Ukhuluma kanjena nje uMagubane, nomqeqeshi wakhe uMcCarthy washo okufanayo ngemuva kokudlala ngokulingana neSwallows ngempelasonto. Kubukeka sengathi ziya ngokuphela lezo nsuku lapho khona Usuthu beluhleze luvika izembe, noma ludlalele ukuthola iphuzu emdlalweni. UMcCarthy udlala ibhola lokuhlasela, hhayi lokuma emuva ngokuthemba inhlanhla yokuthi izitha zizolahla emuva athole igoli.
Abagadli boSuthu okubalwa kubona uNtuli, Augustine Mulenga, Luvuyo Memela noLehlohonolo Majoro bavutha bengabaselwe.
Komunye umdlalo weDStv Premiership namuhla iMamelodi Sundowns ezihola phambili izodlala neBaroka FC eLoftus Versfeld ngo-5 ntambama.