UNOZINTI weSwallows FC, uJody February, akasiboni isidingo sokuxhamazela ngomdlalo wokusonga eyokuhlunga ne-University of Pretoria (AmaTuks) ngoba konke kusesezandleni zabo.
UFebruary ubekhuluma nethimba labezindaba leSwallows ngaphambi komdlalo ozocacisa ngesigaba Izinyoni ezizobe zidlala kusona ngesizini ezayo.
ISwallows esendaweni yesibili kwi-log yemidlalo yokuhlunga, izokwamukela amaTuks aqhwakele kusasa ngo-3 ntambama, eLucas Moripe Stadium, ePitoli.
Kusukela iSwallows ishaywe yiCape Town All Stars ngempelasonto, lo mdlalo ubhekiwe kwazise iSwallows isanda kubuya esigabeni esikhulu kulandela ukuwa kwayo eminyakeni edlule.
Iwini kuphela edingwa yiSwallows ukuze iqinisekise ukuthi izobe idlala kwiDStv Premiership ngesizini ezayo kodwa uma ihluleka kuzobe kusho ukuthi izobe igijima kwiGladAfrica Championship.
Lo nozinti ukhumbuze ozakwabo ukuthi badinga iwini kuphela ukuze bezoqhubeka nokudlala esigabeni esikhulu ngesizini ezayo.
“Angisiboni isidingo sokuxhamazela njengoba siya kulo mdlalo ngoba konke esikudingayo singazenzela ngaphandle kokuthembela kweminye imiphumela,” kusho uFebruary.
“Siyazi sonke ukuthi iqembu likulesi simo nje, yingoba nathi sinesandla ngakho-ke okumqoka kunakho konke, ukukhula emaphutheni esiwenze emdlalweni odlule ngoba ngeke sisaba nalo elinye ithuba.
“Sizenzele umsebenzi wabanzima ngokuyeka umphumela sesiwuphethe ngoMgqibelo, ngakho-ke yithina okufanele sibhukule ukulungisa lelo phutha.
“Njengoba senzile sibeka iSwallows la ihleli khona, kungumsebenzi wethu futhi ukuyisusa. Sinethuba lokwenza lokho yize sibhekene neqembu elinzima nalo elibheke ukukhuphukela esigabeni esikhulu,” kuqhuba yena.
Lo nozinti ukhuluma kanjena nje, umqeqeshi wamaTuks, uTisane Motaung, ukitazwa yinkundla okuzodlalelwa kuyona lo mdlalo.
ISwallows iqome ukuwudlalela eLucas Moripe lo mdlalo ngoba kunezinkinga eDobsonville Stadium, eSoweto, okuyinkundla eyijwayele.
“Sikhululekile ngakho konke ngaphambi komdlalo futhi abadlali bawulungele. Siyakwazi okufanele sikwenze ukuzifaka emlandweni webhola lakuleli kodwa okungichaza kunakho konke ukuthi iSwallows iqome ukuwusondeza eduze kwethu lo mdlalo. Kufanele sikusebenzise nakanjani lokho,” kusho uMotaung.