UMQEQESHI weSwallows, uDylan Kerr, unethemba lokuthi iChippa United neMaritzburg United bazobenzela umusa babasize ukuvika izembe kwiDStv Premiership.
Njengoba amaqembu amaningi esesalelwe wumdlalo owodwa kule sizini, Izinyoni zisesimweni esibucayi. Zilele endaweni ka-15 ngamaphuzu angu-25 emidlalweni engu-29.
Zibambene ngamaphuzu neBaroka kodwa okusiza iqembu likaKerr njengamanje wukuthi lingenelwe ngamagoli angaphansi kwaweqembu laseLimpopo.
NgoMgqibelo iSwallows idlale ngokulingana ngo 0-0 neChippa United eDobsonville Stadium. UKerr ukholelwa ekutheni bebengawathatha womathathu amaphuzu ukube abawalahlangana amathuba.
"U-KG (Kagiso Malinga) ulitholile ithuba ngesiwombe sokuqala, bekufanele enze kangcono. Besiqinisile ekugobeni amabhola nokuwavalalela enethini ngesikhathi silungisela umdlalo, njengoba sihlale senze mihla namalanga kodwa sawamosha amathuba,” ukhale kanje uKerr.
“Ngibatshelile abadlali ukuthi uma kwenzeka siphazanyiswa yinto esingayenzanga ejimimi ngingaphakamisa isandla ngilivume iphutha kodwa sizenzile zonke lezi zinto.
“Besihlelile ukuthi sizolubhodloza kanjani udonga lwabo lwasemuva nokuthi kumele siwabeke kuphi amabhola ngoba uma singakwenzi lokho kuzoba nzima ukuthi abagadli bethu bathole amathuba amahle.
"Kodwa-ke kuzomele siphinde sibheke ukuthi abagadli bona ngabe benza konke okusemandleni yini ukuzama ukufinyelela ebholeni. Kwezinye izimo abakhombisanga ubuqhawe obanele ngokufaka amakhanda phambi kwabadlali basemuva."
ISwallows isizolwela ukuvika izembe uma isibhekene neKaizer Chiefs emdlalweni wayo wokugcina kule sizini, ozoba seFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Ngaleso sikhathi iBaroka izobe idudulana neMaritzburg United eHarry Gwala Stadium, kuthi iTS Galaxy, elele endaweni ka-14 ngamaphuzu angu-27, itholane phezulu neChippa eNelson Mandela Bay Stadium.
"Sidinga ukuwunqoba umdlalo wethu futhi sethembe ukuthi iChippa izoyishaya iGalaxy, neMaritzburg izoyidla iBaroka.
"IBaroka isengasinda, iGalaxy nayo ingasinda futhi singase silubangise ehlathini. Lingasigawula izembe uma sihlulwa wukubhakuzisa inethi."
Ngesikhathi bebhekana okokuqala kule sizini iChiefs ibhaxabule iSwallows ngo 3-1.