UTHANDANI Ntshumayelo udlale okokuqala kwiSwallows ngempelasonto edlule selokhu afika kuyona ngesizini edlule Isithombe: BACKPAGEPIX
ZAKHELE XABA
UKHUMBULE izinsuku zobusha bakhe umqeqeshi weSwallows, uDylan Kerr, efaka enkundleni uThandani "Bibo" Ntshumayelo ngenyanga edlule obekunamahlebezi okuthi uzochithwa kuleli qembu.
UNtshumayelo odlale okokuqala kwiSwallows ngempelasonto, usazama ukubuyela ezingeni lakhe kulandela isigwebo seminyaka emine, ngenxa yezidakamizwa, asithola ngo-2016 esadlala kwi-Orlando Pirates.
Ufike kwiZinyoni ngesizini edlule kodwa ugcine enikwe inkontileka ekuqaleni kweka-2021/2022. UNtshumayelo ubesizwa ngendaba isikimu ngaphansi kwabaqeqeshi, uBrandon Truter noSimo Dladla.
UKerr ubabaza ukuzinikela kukaBibo ongene wawushintsha umdlalo ngesikhathi iSwallows ihlula iSekhukhune United ngo-1-0 koweDStv Premiership ngempelasonto edlule.
"Ngimfake ngenxa yendlela ayiyona nokuzinakekela kwakhe. Uhlala ekhona ejimini futhi uyangibuza ngendlela aqhuba ngayo. Ngihlala ngibatshela abadlali ukuthi uma ungadlali, woza kimina uzobuza ukuthi kungani. Ngizokutshela. UBibo uza zonke izinsuku ezobuza ukuthi "mqeqeshi, ngikhona yini esikimini? Mqeqeshi, ngikhona yini kubadlali abazodlala? Ubuza zonke izinsuku," kusho uKerr.
"Ungikhumbuza ngisadlala kwiLeeds United, ngangenza kanjalo nami. Kukhona abadlali ababenza ngingasitholi isikimu ngakho kwadingeka ngihlale isikhathi eside ngingadlali, ngibekezele. Engikubonile kuBibo ukuthi ulambile futhi unentshisekelo nogqozi. Ukukhombisile lokho namuhla. Yebo, ukuba qatha kwakhe akukho ezingeni lePSL okuyinto esiyibonayo nasejimini. Kodwa uma eliphethe ibhola ukhombisa ubuhlakani futhi uwenzile umsebenzi abewuthunyiwe, okuwukugcina ibhola aphinde axine izitha uma singaliphethe."
Ngokuwina kwiSekhukhune, iSwallows yenyukele endaweni ka-13 kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-18 emuva kwemidlalo engu-21. Isihlukaniswe ngamane neBaroka eyibambe emsileni ngawu-14. IZinyoni zizobuyela enkundleni ngeSonto uma sezivakashele iRoyal AM eChatsworth Stadium, eThekwini.
"Ngibona wonke umuntu. Ngiyabazi laba bafana. Ngiyakwazi abakwenzayo ejimini. Uma bengaqhubeka kanje sizophuma enkingeni. Esikubheke manje wukuya kwiRoyal AM eThekwini neqembu eliqinile," kusho uKerr.