MTHOKOZISI MNCUSENI
UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi kumele amajaji emiklomelo yePremier Soccer League (PSL) aphumele obala ngokubhekayo uma eqoka abadle ubhedu.
Lo omunye wemibuzo ebijikijelwa uMngqithi kulandela ukuzitshwa kwakhe noRhulani Mokwena yize bedle isicoco seDStv Premiership, kwaqokwa uBenni McCarthy waMaZulu kwesomqeqeshi ovelele.
Kube nemvunge kubathandi bebhola kuleli bebuza ukuthi kanti kuqokwa kanjani? Umsindo uphinde wavuswa nayinkulumo kaMark Gleeson, uqweqwe lwentatheli okunguyena obephethe amajaji.
UGleeson uyithintile indaba yombango onzima obuphakathi kwamajaji ngalo mklomelo kwacaca kodwa wathi uMcCarthy uyena ogcine enamavoti amaningi futhi abamqokile bebeka izizathu ezibambekayo.
Ekhuluma kuKhozi FM ngoLwesibili, uMngqithi uthe ufisa ukukwazi ukuthi kufinyelelwa kanjani ezinqumeni ukuze ezozama ngokuzayo ukuthi akhuphule amasokisi.
“Ngabe siqamba amanga uma sithi asibanga nawo umuzwa. Yize sisuke singaqhubelani ngoba sifuna ukuthola imiklomelo ngayedwa njengabaqeqeshi beSundowns nabadlali. Into esuke ibalulekile kithina ukunqoba indebe ngoba kungangisiza ngani ukuthola le miklomelo, iqembu lingawini lutho bese ngiphelelwa umsebenzi,” kusho uMngqithi.
Uqhube wathi: “Yize kunjalo ngingumuntu wokuqala ukumhalalisela uBenni ngokuthola umklomelo ngoba ngiyakholwa wukuthi umsebenzi owenziwe uBenni noMandla (Ncikazi) kule sizini akukho nokuncane ukungabaza ukuthi bekumele bayithole imiklomelo ngomsebenzi abawenzile. Okwesibili, angazi ukuthi kungani ungekho umklomelo weqembu elikhuphule izinga kwiligi. Ngiyakholwa wukuthi AmaZulu noma iGolden Arrows abewufanele."
Lo mqeqeshi ukholelwa ekutheni akukho lapho iSundowns eke yangakhombisa khona ukuthi izosithatha isicoco kodwa baze baqokwa kowomqeqeshi ovelele ngoMeyi/Juni.
“Isifiso sami esikhulu ukwazi ukuthi amajaji abhekani ukuze abaqeqeshi bayithole le miklomelo. Iqembu elinjengelethu elidlale kahle isizini iqala yaze yayophela, laphatha emidlalweni ewu-28 kwengu-30, langenelwa amagoli awu-14, lashaya amagoli angaphezulu kuka-44, ladliwa umdlalo owodwa isizini yonke, langahlulwa ekuhambeni, lavula igebe lamaphuzu awu-13 kunombolo-2. Yini enye obekufanele yenzeke ukuze abaqeqeshi engisebenza nabo bathole umklomelo wezinyanga eziningana kuqala ngaphambi kokufika kulesi sigaba sokugcina ngoba angikhumbuli kukhona isikhathi lapho iSundowns eyake yanganika ithemba lokuthi izoyithatha le ndebe. Kodwa okuthuse kakhulu wukuthi enyangeni yokugcina yokuphela kwesizini ilapho esithole khona umklomelo wokuba abaqeqeshi benyanga. Kimina lokho kukodwa kungishiya nongcobho wokuthi kukhona okungenzeki ngendlela efanale. Lokho angikusho ngenhliziyo embi yokuthi angiphathekile kahle, yokuthi uBenni unqobile. Wenze umsebenzi oyisimangaliso ukuthi asuse iqembu endaweni ka-12 ayibeke endaweni yesibili, aqophe umlando wokufaka AmaZulu kwiChampions League. Aqophe umlando wokuqhuba imidlalo ewu-17 engahlulwa. Lezo zinto zithi uBenni wenze umsebenzi omuhle kakhulu. Sifuna ukuthola imigomo esizosebenzela phezulu kwayo ukuze siphase lesi sivivinyo, sazi yini edingekayo.”