URHULANI Mokwena ongomunye wabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns uqhoshe ngokuthi banomshini womdlali kuPeter Shalulile yingakho futhi isekhabetheni lakhe indondo yePSL Footballer of the Season ka-2020/2021.
UShalulile cishe uyigijme yonke imidlalo yeSundowns ngesizini edlule, eqhulula namagoli, okuyinto abeyenza naseqenjini lesizwe leNamibia lapho edabuka khona. NgeSonto uqhubekile nokuba wuhlupho eshaya elinye lamagoli amaBrazilians anqobe ngalo bedla iKaizer Chiefs ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership. Elinye igoli lezikaMokwena lishaywe uGrant Kekana.
UMokwena ukhulume kanjena ngemuva kokuthi ebuzwe ngobungozi bokusebenzisa lo mgadli kuyona yonke imidlalo ekubeni nakwiNamibia uyena futhi isithenjwa.
Lo mqeqeshi uchaze uShalulile njengohlobo olungajwayelekile lomdlali kanobhutshuzwayo.
“Into eyenziwa ilo muntu (Shalulile) ejimini ayikholakali,” kusho uMokwena enikina ikhanda ngesikhathi ekhuluma nezintatheli ngemuva komdlalo.
“Ngendlela ahlale ezimisele ngayo ngokusebenza uShalulile uzithola esekhuzwa ejimini ngoba esegxumela nabantu okungafanele ngabe uzikhathaza ngabo.
“Angimazi mina umdlali okhombisa izimpawu zokuphoxeka uma etshelwa ukuthi akehlise umfutho? Mhlawumbe usebenza nge-duracell (uhlobo lwe-battery).”
Igoli likaShalulile bekungelokuqala kule sizini. Ngesizini edlule ugcine evalele awu-15 emidlalweni yeligi esiza ezakhe zithatha isicoco seshumi sePremiership.
“Okuhle kakhulu ngoShalulile ukuthi uwumdlali obeka iqembu phambili hhayi okufunwa uyena. Akazongi neze uShalulile futhi ungena nalapho kungangenwa khona.
“Uyazi ukuthi sithembele kuyena siyamtshela lokhu ngaso sonke isikhathi.
“Akanankinga nokusebenzela iqembu. Akabuzi imibuzo eminingi kepha wenza lokhu okudingeka kuyena. Umqoka kakhulu kwiSundowns, siyamethemba kakhulu.”
Lo mqeqeshi uthe, akuwona amagoli kuphela enza ukuthi uShalulile abe mqoka kodwa kuningi awusizo ngakho njengokususa izitobha phambi komlomo wepali ukuvulela abadlali basesiswini amathuba.
“Kunezindlela zokudlala ezidinga umfutho wakhe ngakho-ke eyokumphumuza asiyicabangi.
“Kuwumsebenzi wethu ukumgada kodwa okwamanje asinayo inkinga nokumbuka egijimisa izitobha zamanye amaqembu,” kusho uMokwena.
ISundowns izihola phambili kwi-log ngamaphuzu ayisikhombisa emidlalweni emithathu. Izobuyela enkundleni ngeSonto ivakashelwe iTS Galaxy eLoftus Versfeld ngo-5 ntambama.