XOLILE MPISANE
UMQEQESHI weStellenbosch FC, uSteve Barker, unethemba lokuthi iPremier Soccer League izolishaya ngoswazi oluncane leli qembu kulandela ukuphula kwalo umthetho weligi libhekene neCape Town City.
IStellies yanqoba lo mdlalo weDStv Premiership, owawungoSepthemba 18 ngo-3-0 kodwa lo mphumela usengcupheni njengoba kuvele ukuthi leli qembu lephula umthetho olawula ukushintshwa kwabadlali.
Imithetho yeligi iyawavumela amaqembu ukuthi ashintshe abadlali baze bafike kwabahlanu emdlalweni ngamunye kodwa akumele amise umdlalo izikhawu ezingaphezulu kwezintathu.
Amaqembu avumelekile futhi ukuthi enze izinguquko ngaphambi kokuthi kuqale isiwombe sesibili, nokungawaphazamisi amathuba amathathu abekelwe wona.
IStellebosch yenza izinguquko ezinhlanu kulo mdlalo kodwa yasebenzisa amathuba angaphezulu kwakaliwe njengoba umdlalo yawuphazamisa kane.
Olokuqala yalwenza ngomzuzu ka-17, ifaka unozinti, u-Alan Robertson, endaweni kaSibusiso Mthethwa. Olwesibili yalwenza ngomzuzu ka-73, uJudas Moseamedi evala isikhala sikaStanley Dimgba.
Ngomzuzu ka-85 yakhipha uJunior Mendieta yafaka u-Ally Msengi, yaphinde yenza izinguquko ezimbili ngesikhathi esengeziwe, kungena uMolahlehi Khunyedi noKganyane Letsoenyo ezikhaleni zikaDevon Titus no-Ashley du Preez.
UBarker uvumile ukuthi leli phutha lenzeka kodwa uthe basalindele isinqumo esizoqhamuka kwiPSL.
"Siyazi ukuthi kwenzeka iphutha eliphambene nomthetho weligi kodwa asikho isinqumo esisaphumile," kusho uBarker.
"Sizolinda kupheleliswe zonke izinqubo bese sithola umphumela wokugcina.
"Siyethemba bazocubungulisisa konke okwenzeka emdlalweni ngoba akukho okubi esasikuqondile. Kwaba yiphutha."
IStellies ilele endaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-12 ngemuva kwemidlalo eyisithupha. Inqobe emithathu, yadlala ngokulingana kathathu kanti ingelinye lamaqembu amathathu angakadliwa kule sizini.
UBarker uthe umehluko omkhulu asawubonile ukuthi abasawamoshi amathuba phambi kwamapali njengoba babenza ngesizini eyedlule.
"Asiyishintshanga kakhulu indlela esidlala ngayo. Sisaqhubeka ukudlala ibhola elihlaselayo futhi siyasondelana kahle uma simaka. Okuhlukile ukuthi kule sizini siyawasebenzisa amathuba ethu futhi ngifisa kuqhubeke kanjalo," kuqhuba uBarker.
"Ngesizini edlule bese sinamagoli angu-25 sekusele imidlalo eyisishiyagalolunye, besinethemba lokuthi sizothola amanye kodwa sashaya igoli elilodwa kuphela emidlalweni eyisishiyagalolunye yokugcina. Kwasidumaza kakhulu lokho futhi sixoxile ngakho ngaphambi kokuqala kwesizini entsha.
"Abadlali bazinikele kakhulu, abasatatazeli phambi kwepali. Sinabagadli abadlala ngendlela engafani kule sizini, lokho kwenza ukuthi sihlasele ngezindlela ezehlukene. Sigculisekile ngendlela esiqale ngayo kodwa kusekude phambili. Kusekuningi okumele sikwenze kangcono."
IStellenbosch izoqhubeka nemidlalo yeligi uma isibhekene neSwallows eDobsonville Stadium ngeSonto. UBarker uthe balindele omunye umdlalo onzima njengoba Izinyoni zibheke ukuguqula imiphumela engemihle.
"Siyazazi izinkinga abadlule kuzona ngakho-ke silindele ukuthi bazimisele kakhulu kulo mdlalo. Akukaze kube lula ukudlala nabo kodwa kumele siqaphele kakhulu njengoba sazi ukuthi badinga imiphumela emihle.
"Ngilindele ukuthi baqinise emuva, ikakhulukazi njengoba bezobe bedlalela ekhaya. Kuzomele sisebenzise ubuhlakani futhi singabi namatata ukuze sithole amagoli sinqobe umdlalo," kuphetha uBarker.