NAKUBA isikhulu esiphezulu seRoyal AM, uSinky Mnisi, sithi abayibambele igqubu iSekhukhune kodwa silibeka ngembaba elokuthi uma sebebhekene naleli qembu, kuzobonakala ukuthi yiliphi elingcono kuwona womabili.
Yize la maqembu azobe eqala ukuhlangana kwiDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama, e-Ellis Park, impi yawo izobe ingaqali njengoba bebebhekene ngeziqu zamehlo ngesizini edlule kubangwa ubumpetha beGladAfrica Championship.
Ngesizini edlule kusuke omkhulu umsindo phakathi kwala maqembu ngelizonyukela kwiDStv Premiership.
IRoyal AM kaShauwn "MaMkhize" Mkhize, isonge iligi iqhwakele ngamaphuzu awu-51, iSekhukhune ikweyesibili ngawu-50.
ISekhukhune inikezwe amaphuzu amathathu ngemuva kokuvunwa yisinqumo eyayisifakile ecaleni elalithinta iPolokwane City. Lokhu kube sekusho ukuthi iSekhukhune iyona ompetha beGladAfrica, yanyukela esigabeni esikhulu.
IRoyal AM igcine inyukele kwiDStv Premiership ngenxa yokuthenga ilungelo leBloemfontein Celtic lokuyibamba kulesi sigaba.
"Hhawu indaba yangesizini edlule kade sadlula kuyona. Thina esikubhekile ukuthi sisonge lo nyaka sisemaqenjini amahlanu noma amane aphezulu. ISekhukhune sizoyicacisela ukuthi kwangesizini edlule kwaba yithi ompetha.
“Thina inkomishi yokuba ompetha beGladAfrica sayinqoba enkundleni, kubuka wonke umuntu," kubeka uMnisi.
Emdlalweni wokuqala kwiGladAfrica ngesizini edlule iSekhukhune, esicijwa nguMcDonald Makhubedu, sabhaxabula iRoyal AM ngo-4-0. Ngemuva kwalowo mdlalo ezikaShauwn Mkhize zaxosha umqeqeshi, uMike Lukhubeni.
Emlenzeni wesibili la maqembu abambana ngeqanda.
Ngaphandle kombango wangesizini edlule, esinye isinongo ngomdlalo wangoMgqibelo, la maqembu ayalandelana kwi-log.
IRoyal AM, ecijwa nguJohn Maduka, isendaweni yesine ngamaphuzu awu-18 emidlalweni eyishumi.
IBabina Noko ikweyesihlanu ngawu-17.
Womabili asenqobe imidlalo emihlanu.
Sekuphele imidlalo eyisishiyagalombili iRoyal AM ingawazi umpetshisi. Kodlule ibambane neBaroka.
Ngakokunye uhlangothi, iBabina Noko ishaye iSwallows.
Kowandulela lo, ibishaywe yiPirates ngo-2-1.
UMnisi uthe okuhle ukuthi kuyiwa kulo mdlalo amasosha akhe aphelele.
"NoLetsoalo (Victor) ubuye eqenjini lesizwe engenamyocu. Okwamanje akekho umdlali wethu olimele. Nekhefu leFifa lisisize kakhulu ukulungisa amaphutha abonakale emidlalweni edlule,“ kusho uMnisi.