SITHEMBISO MKHIZE
ISIKHULU esiphezulu seRoyal AM, uSinky Mnisi, sisamile ekutheni leli qembu kalilubeki emidlalweni yokuhlunga kodwa lizongena ligijima kwiDStv Premiership.
Emdlalweni odlule weligi, leli qembu eliyibamba kwiGladAfrica Championship, liphoxe abalandeli lishaywa yiJDR Stars ngo 1-0 eChatsworth Stadium, eThekwini.
Ukube linqobile belizoba namaphuzu awu-34 obekuzolenza libalwe namaqembu amathathu aphezulu kwi-log yalesi sigaba.
Njengamanje lilele isihlanu ngamaphuzu awu-31, emidlalweni ewu-19.
UMnisi ozakhele udumo ngokunyusela kwiPremiership, iTembisa Classic neHighlands Park eminyakeni edlule, utshele Isolezwe ukuthi ukushaywa kwabo iJDR akusho ukuthi aseshabalele amathuba okunyukela esigabeni esikhulu.
"Angazi ukuthi yini eyenza abantu bacabange ukuthi aseshabalele amathuba okunyukela kwiDStv Premiership. Ngesikhathi ngiqashwa lapha kwiRoyal ngathembisa abaphathi beqembu ukuthi ngesizini ezayo sizobe sidlala esigabeni esikhulu. Lokho akushintshile, kusazokwenzeka, ngeke siye emidlalweni yokuhlunga. Sisalelwe imidlalo Ewu-11. Yebo iJDR isishayile kodwa sisenalo lonke ithuba lokushaya amanye amaqembu angaphezu kwethu. Sidinga ukunqoba imidlalo emibili noma emithathu bese siba esicongweni se-log," kuchaza uMnisi obelokhu ekugcizelala ukuthi uyawazi umsebenzi wakhe.
Leli qembu lika-Andile Mpisane ozalwa isiqumama uShauwn Mkhize, namuhla lizokwamukela iSekhukhune emdlalweni oqala ngo-3 ntambama, eChatsworth Stadium.
Kulindeleke ukuthi kushube kulo mdlalo. Emlenzeni wokuqala iSekhukhune yabhaxabula iRoyal ngo-4-0.
Ngemuva kwalo mdlalo okwakungowokuqala kwisizini ka-2020/21, uMnisi wakhomba indlela umqeqeshi uMike Lukhubeni.
UMnisi uthe bawubheke ngabomvu umdlalo.
"Impela kuzoba umdlalo wamagqubu, sifuna ukuziphindiselela kwiSekhukhune, yabukisa ngathi. Le Royal yamanje ihluke kakhulu kunale eyashaywa ngo-4-0. Idlala ingcwenga yebhola. Ngaphandle kwalokhu ukushaya iSekhukhune kuzosisondeza emaqenjini aphezulu,“ kusho uMnisi.
ISekhukhune iqhwakele kwi-log ngamaphuzu awu-34. Ukuwina lapha kungasenza sivule igebe kwiTS Sporting neRichards Bay abeza ngemuva ngamaphuzu awu-32. Iqembu elizoqeda liqhwakele kule ligi lizonyukela kwiPremiership kuthi amabili eza emva kwalo adlale kweyokuhlunga nelizoqeda endaweni ka-15 esigabeni esiphezulu.
Imidlalo yanamuhla yeGladAfrica Championsip:
Ngo-3pm: Cape Town Spurs v TS Sporting (Parow Park); Uthongathi v JDR (Princes Magogo Stadium); Bizana Mpondo Chiefs v Cape Umoya United ( King Zwelithini Stadium); Royal v Sekhukhune (Chatsworth).