ISIKHULU esiphezulu seRoyal AM, uSinky Mnisi, sikhala ngenzondo yabezindaba ebhekiswe kuleli qembu.
UMnisi utshele Isolezwe ukuthi uhlale ezibuza ukuthi kazi iRoyal AM kaShauwn "MaMkhize" Mkhize yabadlelani abezindaba.
"Wonke umuntu kuleli unelungelo lokubhala noma ukusho umbono wakhe. Kodwa kumele kubhalwe ngezinto eziyiqiniso futhi eziqinisekisiwe,“ kubhoka uMnisi.
“Sesithathe isinqumo sokuthi kasisezokuba nandaba ukuthi abantu bathini ngathi. Kunenkampani yezindaba eyabhala ukuthi abadlali sibalalisa ngabahlanu egunjini elilodwa. Sathi uma sesibiza intatheli eyabhala lokhu ukuthi izobheka ekutshele abantu, yathi kayinamali yokuza eMgungundlovu. Sekusicacele ukuthi abantu badinwa ukuthi siyawuthela umpentshisi. Sizoqhubeka nokushaya amagoli nokudlala ibhola elihle.”
EzikaMaMkhize, obambisene nendodana yakhe, u-Andile Mpisane ongusihlalo, zishaya kwasani oluphambi kwazo kulezi zinsuku. Sezinqobe imidlalo emine kulandelana.
Zisashaywe kwemibili kuphela kwiligi. Zisendaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu awu-12.
Ngemuva kokushaya ngo-2-1 omkhaya, iMaritzburg United, kodlule iRoyal ibe undabamlonyeni kuleli kuqhamuka ama-video abeveza uMaMakhize noMpisane nezinye izikhulu nemfumba yamali bebiza amagama abadlali.
Kuvele imibiko ethi iPremier Soccer League izothathela leli qembu izinyathelo ngokwenza lokhu.
UMnisi ucashunwe kuKhozi FM ngoLwesibili ethi abadlali babeka imali abazoxhasa ngayo izinkulisa ezimbili ezidonsa kanzima ngasezimalini. Uthe ngaphambi komdlalo weMaritzburg, usihlalo ubebathembise ukuthi uzobaxhasa kulokhu uma benqobile. UMnisi uzeseke ngokuthi usihlalo ubegcina isethembiso sakhe ngemuva kwalo mdlalo.
Izolo kwiSolezwe wale waphetha ukukhuluma ngalokhu kuphawula kwakhe. NgoMsombuluko ebuzwa yileli phephandaba ngalokhu, wathi ngeke aphawule ngoba ubengekho enkundleni, akubuzwe abebekhona.
Mayelana nezifiso zeqembu kule sizini, uthe: “Awukho umbandela esiwubekelwe ngabanikazi beqembu. Nokho ngokwami ngifuna siqede sikwiTop 8. Ngixwayisa izimbangi zethu ukuthi zingalinge zisivumele siqhwakele kwi-log ngoba ngeke siphinde sisuke. Size kwiDStv Premiership ukuzoqopha umlando. Sisazoqhubeka nokucasula abantu.”
Nokho ubuye wathi akakuhaleli ukuyodlala e-Afrika ekupheleni kwesizini.
"Uboqaphela amaqembu aya e-Afrika, abuya athwale kanzima. ISundowns kuphela elungayo ngoba inesikwati esiningi.“