UBONA kuyimpumelelo yabo ebaqhathe namaqembu emidlalweni yakamuva yeDStv Premiership, uJohn Maduka ongumqeqeshi weRoyal AM.
Emdlalweni odlule iThwihli Thwahla ihlulwe yiSekhukhune ngo-1-0.
Bese kuphele imidlalo eyisishiyagalombili ingawazi umpentshisi.
Kulesi sibalo, inqobe emihlanu, yadlala ngokulingana kwemithathu.
Isadliwe kwemithathu kuphela kule sizini.
UMaduka uthe kuyabaphoqa ukuthi bashintshe igiya ngoba amaqembu asenyusa izinga kunakuqala uma edlala nabo.
"Yimpumelelo yethu efuna ukusifakela ingcindezi. Uma singanakile singazithola sisenkingeni. Kumele kube khona esikwenzayo,“ kusho uMaduka.
“Yebo kuyajabulisa ukuthi kuke kwaphela imidlalo eyisishiyagalombili singadliwa. Kodwa bengingajabula kakhulu uma mhlawumbe okungenani kulesi sibalo sinqobe eyisithupha noma eyisikhombisa.“
Lo mqeqeshi uhlonze nokwenza sinyuke isibalo semidlalo abacazelana kuyo amaphuzu.
“Okunye okungiphatha kabi wukuvuma ukungenelwa amagoli kuqala kweminye imidlalo esidlale kuyo ngokulingana.
“Yebo kuhle ukutshengisa isibindi sokubuya kodwa akukuhle ukungenelwa amagoli kuqala.
“Okunye abantu okumele bakuqonde ukuthi umdlalo webhola lo, ngelinye ilanga uyanqoba kolunye usuku udliwe.
“Namanye amaqembu acupha imigoga njengathi. Sinomthwalo wokuqeda umzuliswano wokuqala weligi sisendaweni esivumelene ngayo".
UMaduka uthe ngemuva komdlalo weSekhukhune bahlale phansi bacubungula lapho kuhambe kahle khona nalapho kubhimbe khona.
“Nakuba sidliwe emdlalweni weSekhukhune zibe khona izimpawu ezinhle engizibonile. Sikwazile ukwakha amathuba, kwaba neziwombe esikwazile ukukhonya kuzona.
“Sisitholile isikhathi esincane sokulungiselela umdlalo wethu olandelayo. Kuyasiphoqa ukunqoba, ngeke kulunge ukuthi sishaywe kulandelana".
NgeSonto, iRoyal AM izobhekana neStellenbosch, ngo-3.30, eChatsworth Stadium.