ISIKHULU eRoyal AM, uRichard Makhoba, sicacisa ngezindawo okutholakala kuzo amathikithi omdlalo wakusasa ngo-5.30 ntambama phakathi kwezakhe neKaizer Chiefs, eChatsworth Stadium, eThekwini.
Besisikhulu isikhalo izolo kwabanye abalandeli abafuna ukuyobuka umdlalo bebalisa ngezindawo okutholakala kuzo amathikithi. Kusukela ekuseni kuze kwashaya izikhathi zasemini, abanye bekhala ngokuthi abawatholi lapho okuthiwa adayiswa khona.
Emakhasini ezokuxhumana amaqembu womabili bekubhalwe ukuthi atholakala endaweni yokuzijabulisa iMax Lifestyle, eMlaza, eyokucwala izicwala izinwele yeThwihli Thwahla, i-AM Salon eseGateway naseBP Garage engomakhelwane naseChatsworth Stadium. Abiza uR40.
Kukhona abakhale ngokuthi izolo ekuseni bafike e-AM Salon, abangawathola. Bathe kuthiwe ababhalise amagama abo. Babuye babalisa ngokuceza kwendawo. Kule ndawo Isolezwe lifike ngabo-2 ntambama, lazithela phezu kwedlanzana labathengi ebelingaphandle, laveze ukuthi amathikithi abesanda kufika.
UMakhoba ukuchithile ukuthi kunenkinga yamathikithi.
"Ayikho nencane inkinga ngezindawo esidayisela kuzo amathikithi. Ngikhuluma nawe nje, kunojenga lwabantu abazothenga amathikithi," kubeka uMakhoba.
Sibuzwa isikhulu ukuthi kungani engatholakali ezindaweni ezijwayelekile, ezinjengoComputickets, Ticket Pro ukusho ezimbalwa, uthe: "KwiPSL (Premier Soccer League) iqembu elizoba ngosokhaya linikwa lonke ilungelo lokuzidayisela amathikithi lapho lithanda khona. Nokho kumele kube yizindawo ezihlelekile nokufinyelelekayo kuyo. Yilokho thina esikwenzile.“
Kumakhasi ezinkundla zokuxhumana alamaqembu ikakhulu kweleKaizer Chiefs kukhona abakuphendule ihlaya ukudayiswa kwamathikithi endaweni yokucwala izinwele.
UKenneth uthe: "Kuhle ngoba uzothi uyothenga ithikithi usale sewugunda. Ngizocela angigunde imbungculu namadevu ngaphambi kokuthenga ithikithi.“
Abanye bancome ubuchule kumengameli weThwihli Thwahla, uShauwn Mkhize ngokudayisela amathikithi ezindaweni ezihanjelwa abantu.
Emdlalweni wakusasa kulindeleke kuqhwize izinhlantsi. IChiefs izolwela ukuziphindisela kwiRoyal AM esicijwa nguKhabo Zondo, Dan Malesela no-Abram Nteo. Ngesizini edlule, emlenzeni wokuqala weligi iThwihli Thwahla yanqoba ngo-4-1, kowesibili yadlula ngo-1-0.