AKABASOLI abanemibuzo ngokuqokwa kwakhe umqeqeshi omusha we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, kodwa unethemba lokuthi uzoyiqeda naleli qembu indlala yezicoco.
Lo mqeqeshi odabuka eMorocco uhlale izinyanga ezimbalwa kwiMarumo Gallants ngesizini edlule, wayihlenga ezembeni ngaphambi kokulishiya leli qembu elizinze eBloemfontein ekupheleni kwesizini.
Ngenyanga edlule, Ezimnyama ziqinisekise ukuthi lo mqeqeshi uyena ozovala izikhala somqeqeshi waseSpain, uJose Riveiro, oshiye leli qembu laseSoweto wayoqeqesha i-Al Ahly sekuzophela isizini.
Ngesikhathi kuvela lezi zindaba, kubekhona ingxenye yabalandeli bezikaMagebhula abakhombise ukuwangabaza amagalelo ka-Ouaddou ngenxa yokuthi akanawo umlando wokunqoba izicoco esigabeni esiphezulu.
U-Ouaddou ubekhuluma okokuqala selokhu aqashwa yiPirates engxoxweni ekhethekile esekhasini leqembu kwiYouTube.
"Ngiyaqonda ukuthi kungani kunemibuzo. Yize ngingeyena umuntu obuka noma ofunda izinto ezishiwo ezinkundleni zokuxhumana kodwa abantu bangazibuza ukuthi lo mqeqeshi ongakaze awine lutho, ongenaso isipiliyoni esingako, uwuthole kanjani umsebenzi wokuqeqesha iqembu elikhulu kangaka?" kusho u-Ouaddou.
"Kodwa ngokwami, ngikholelwa kakhulu olwazini nentshisekelo umuntu anayo ngaphezu kwamava. Kuyenzeka umuntu aqeqeshe iminyaka engu-20 engawini lutho kodwa futhi kuyenzeka ukuthi umqeqeshi osemusha onolwazi alambele ukunqoba.”
U-Ouaddou, owayengumdlali wasemuva owadlala ezingeni eliphezulu e-Europe emaqenjini afana neNancy, Fulham, Olympiacos namanye, uthe uzinikele ngokugcwele ekusizeni iPirates ukuthi igcwalise ikhabethe layo lezindebe.
"Ngilambile futhi ngifuna izicoco. Ngifuna ukunqoba. Ake sibone ukuthi ikusasa lisiphathe. Ngiyazi ukuthi ngifice iqembu seliphakathi nohambo lweminyaka emithathu. Iminyaka emithathu eyisisekelo isidlulile, into abayilindele abalandeli kule minyaka emibili ezayo imiphumela emihle nezicoco,” uqhube kanje.
"Ngizizwa ngihlonipheke kakhulu ngokuba yingxenye yalesi sikhungo. Abanye bangabona iqembu lebhola kodwa kimina yisikhungo. Leli qembu liphambili kakhulu ngendlela elenza ngayo izinto. Laba abaliphethe bebengeke baqashe noma yimuphi nje umqeqeshi ngoba kuningi okubhekwayo ngaphambi kokuthi kuvunyelwane.
“Ingcindezi ikhona kodwa yinto esiphila ngayo. Ngiyilungele inselelo, ngikulungele ukuthuthukisa abadlali bami nokulwa nabo. Ngingazibuza ngiziphendule ukuthi kungani iPirates ikhethe mina kodwa ngiyakholwa ukuthi kukhona abaphathi abakubonile okuhambisana nezinhlelo abanazo ngaleli qembu.”
IPirates izothatha uhambo oluya eSpain, lapho izodlala khona imidlalo yobungani ngaphambi kokubuyela kuleli izoqala isizini ka-2025/26.