ZAKHELE XABA
UMGADLI we-Orlando Pirates kweleDStv Diski Challenge, uBoitumelo "Radioman" Radiopane, uqhubekile nokufaka ingcindezi kubaqeqeshi besikimu esikhulu eqhulula amagoli amane ngempelasonto edlule.
IPirates esonge u-2021 ihlezi esicongweni selog yeDiski Challenge, ithele ngehlazo iSwallows FC emdlalweni ophele ngo 5-1 eDobsonville Stadium, eSoweto.
Ngokuwina umdlalo, iPirates ivule igebe lamaphuzu ayisithupha phakathi kwayo neStellenbosch esendaweni yesibili ngawu-27. Iqhawe kuphinde kwaba nguRadiopane oshaye amagoli amane.
Lo mgadli, osehamba phambili ngamagoli kwiDiski Challenge, useshaye angu-13 emidlalweni engu-13. Ezinyangeni ezedlule uRadiopane wenyuselwe esikimini esikhulu sePirates kodwa usabonakale kanye enkundleni.
Ukuqhulula kwakhe amagoli kwiDiski akubuzwa ukuthi kuzofaka ingcindezi ethimbeni labaqeqeshi nePirates, uMandla Ncikazi noFadlu Davids yokuthi bambophele esikimini esigijima kwiDStv Premiership.
Laba baqeqeshi basanda kutakulwa ngumgadli uKwame Peprah enkingeni yamagoli abebekade bebhekene nayo. Lo mgadli waseGhana ushaye amagoli amane emidlalweni emibili ilandelana ngaphambi kokuphela konyaka u-2021.
Nakuba amaqembu eDStv Premiership emanqika ukubophela abagadli abasebancane kodwa ukushaya inethi kukaRadiopane kungenzeka kwakhe isibindi kuNcikazi noDavids.
Ukushosholoza kwePirates kwiDiski Challenge kufakazela inkulumo yomqeqeshi uMandla Qhogi olimise ngesihloko nyakenye ukuthi bafuna ukuwina iligi.
EZimnyama azikaze ziwine lutho kulesi sigaba selokhu sasungulwa ngo-2014. Ngaphandle kokuthi iPirates izicabela yona indlela ebheke empumelelweni kodwa kuyiweze ngelibanzi ukwehlulwa kweStellenbosch yiSekhukhune United izolo.
IStellies, eyenza kahle kule sizini, iyona ebilokhu imise kabi iPirates neMamelodi Sundowns esuke kalula esicongweni. EZimnyama sezidinga ukugcina umgqigqo ukuze kufezeke isifiso sikaQhogi.